Incazelo ngoMthunduluka\Morokologa\Ximenia caffra\Groot Suurpruim\Large Sourplum:

 

Nina aboMthunduluka ovuthwe ngeNala, ngowawoThayiza,uMdlokombane vuk’ume ngentaba udl’amadoda! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana . INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni .

UMthunduluka:

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMthunduluka ngesiZulu. NgesiPedi kuthiwa uMorokologa. NgesiBhunu kuthiwa uGrootsuurpruim. NgesiNgisi kuthiwa yiLarge Sourplum. Kanti igama lawo le Botanical name kuthiwa iXimenia caffra. Lona wumuthi othela izithelo ezibizwa ngokuthi “amathunduluka”, ziyadliwa , zimnandi zehla esiphundu , bayazidla abafana abelusa izinkomo emaqeleni. Zimbili izinhlobo zoMthunduluka, kukhona lona eniwubona esithombeni okuyiwona owejwayelekile, bese kuba khona nomunye obizwa ngokuthi yi”uMkholotshwana,noma uKolotshane, noma uHolokoshiyane” , wona-ke uthela izithelo ezincane kunezoMthunduluka owejwayelekile, zimuncu uma uzidla, ezinye ziyababa ha . NgesiLungu kuthiwa yiSmall Blue Sourplum. Uvamise ukumila ezindaweni ezineziduli. UMthunduluka kubongwa ngawo iZilo zakwaZulu, oCetshwayo kanye noMdlokombane{iSilo uZwelithini}. ISilo uCesthwayo sibongwa ngawo uma kuthiwa “UMthunduluka ovuthwe eNdulimde iZigqoza zawulabalabela”. ISilo uMdlokombane sibongwa ngawo uma kuthiwa “UMthunduluka ovuthwe ngeNala, ngowawoThayiza, uMdlokombane vuk’ume ngentab’udl’amadoda”.


WELAPHANI UMTHUNDULUKA?

Izimpande zoMthunduluka ziwumuthi omuhle wokugeza igazi. Ziye zibiliswe zenziwe isiphungo esiyophuzwa wumuntu ohlushwa umzimba omubi , onezinduna ebusweni. Ziyaligeza igazi , kuphele izinduna kanye namabala ebusweni , ubuso buse bushelelezi. Lesi siphungo sihle nasekushiseni izilonda ngaphakathi emathunjini, emaphashini, esinyeni nakwezinye izindawo ezingaphaklthi, Sihle kakhulu nasekuthibeni izinhlungu zezinso. Izimpande zoMthunduluka zibuye ziphalazele ukukhipha amashwa kumuntu, ziye zithakwe nemithi ebomvu efana noMaphipha , iNgwavuma ,iNtolwane, uVuma obomvu kanye neminye. Izimpande zoMthunduluka zinhle zasekwelapheni izifo zocansi ezifana noDilobhu, kanye nezifo ezishobingisa igazi ezifana noBhelihaziya. Ziye zithakwe neminye imithi . Zibuye zingene emithini yoMvusankunzi. Zivula yonke imithambo yomzimba , zenze igazi ligijime kahle, insizwa ikhuthale kakhulu eKamelweni , zicija uBhoko lweSisu. Izimpande zoMthunduluka zibuye zigqume ,ziphinde zigezele ukukhipha amashwa, ziqhathwa kakhulu noMhlambamazi kanye neminye imithi. Imbewu yesithelo soMthunduluka ethi ayilingane nelungu lokugcina likaCikicane, iwumuthi wamanxeba. Ziye ziqoqwe izimbewu zibe ningi, bese ziya gxotshwa , bese ziyonyiswa . Uma sezomile zibe sezishiswa oDengezini zibe insizi emnyama eyonanyekwa amanxebeni kanye nasezilondeni ezibhibhayo, ezivuza amanzi. Sisha qhu isilonda. Amacembe oMthunduluka awumuthi wamehlo abuhlungu ,akhala izinyembezi. Aye agxotshwe bese efakwa  emzanzini abandayo , bese kuconsiselwa lawo manzi emehlweni abuhlungu. Kuningi okwenziwa uMthunduluka ngoba ubuye ube yintelezi echela ikhaya, egeza nezinduku.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhgambi.

Niphile nina aboMthunduluka ovuthwe eNdulinde iZigqoza zawulabalabela! IMbube eshoba liyisilikithi!

UMthunduluka

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo