Incazelo ngoQadolo (uCadolo\Blackjack\Bidens Pilosa\uMhlabangulo\AMalenjana\uCucuza)

Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abakaBhusha ka Nayifi. Cha , sisaphila thina eMantungweni.

UQadolo\uCadolo.

UQadolo noma uCadolo wukhula olumila emasimini noma emafusini, oludume kakhulu ngamavena alo abizwa ngokuthi uCucuza, anakashela abantu ezimpahleni kube lukhuni ukuba umuntu awakhiphe aze awaqede ngesizathu sokuthi asuke ehlabe ngobuningi .Lolu khula lubuye lwaziwe ngaMalenjana. Kanti ngesiLungu uQadolo ubizwa ngeBlackjack , kubuye kuthiwe yiBidens pilosa . Lena kwaXhosa uQadolo waziwa ngoMhlabangulo.


UQadolo ekudleni, kanye nasekwelapheni:

UQadolo uwumuthi udelelekile , umuntu angaweya awuthathe kancane ngenxa yokuthi uwukhula nje olutholakala emasini olunamevana ayisicefe. Kodwa imisebenzi ka Qadolo mikhulu kakhulu iyamangaza. Okokuqala nje amacembe kaQadolo osakhula  ayimfino eyehla esiphundu , imfino enezakhamzimba i Beta-carotene kanye noVitamin E oyiZakhamzimba ezilwa kakhulu nokwanda kwamafutha emzimbeni womuntu, zivikele nomuntu ekuphathweni yizifo . Imfino ka Qadolo iba mnandi kakhulu uma ixutshwe neMbuya. UQadolo kuthiwa waqala ukubonakala lena kwiZwekazi iNingizimu Melika, phecelezi South America. Khona-ke kuthiwa bawuthwele ngeQoma impela uQadolo kangangokuthi sebaze benza neTiye lawo uQadolo elakhelwe kuma-Tea Bags okuthiwa lithiba i-BP .

Lapha kweleNgabade izingxabu zikaQadolo ziwumuthi omkhulu wokuhlanza igazi , ziye zigxotshwe bese  ziyaphekwa, bese ziphuzwa njengembiza ,ephuzelwa  ukuhlanza igazi . Le mbiza inhle kakhulu kwabeSimame. Le mbiza icisha izilonda esinyeni sabesifazane, iqeda nezinyama ezingadingeki ezimila esinyeni nasesibelethweni, izinyama okuhamba kuhambe zigcine zibangele uMdlavuza wesibeletho. Le mbiza ihlanza isinye nesibeletho , ikhiphe konke okungcolile , ikukhipha ngokushobingisa owesifazane , ashobinge umshobingo onephunga elingelihle.  Le mbiza iyasiza futhi nasekudambiseni izinhlungu zeFindo. Iyasiza kakhulu ekuthibeni i-BP kubo bonke abantu. Isiza kakhulu nasekuthibeni inhlungu yama-Ucler . Le mbiza ibuye yelaphe iziso ezibuhlungu , ivula nesifuba ebekade sivalekile ngenxa yomkhuhlane, ishisa izilonda esifubeni.  Izingxabu zikaQadolo zibuye zichathe , zichathele khona ukuhlanza igazi , zikhiphe amathekethe asuke eqhamuka eqolo, kubo bobubili ubulili. Singasho impela ukuthi uQadolo uwumuthi omuhle impela ikakhulukazi kwabesifazane .

Izingxabu zikaQadolo ziye zonyiswe bese zigqulwa zibe impuphu efaka emanxeni ,ziyangena futhi nasemithini eyalapha umuntu oshaywe yinyoka. Izimbali zikaQadolo zichathela isisu esithumanayo. Umzimba womuntu osebenzise uQadolo ekuphuzeni nasekuchatheni uyaqina impela , nemizwa yocansi iyavuseleleka. Le mbiza yehlisa amafutha angadingeki, yehlisa nemikhaba. UQadolo uwusizo impela kubantu kanye nasemfuyweni , izingxabu zikaQadolo ziye zigxotshwe bese zifakwa emanzini azophuzwa izinkukhu. Zibulala zonke izifo ezinkukhwini , zishise nezilonda ngaphakathi njengoba nakubantu. Isithombo sonke sikaQadolo siwumuthi okubulala amakhizane ezinkukhwini , siye sigxotshwe kanye nezingxabu , bese sifakwa emanzini ,kuchelwe ngaso izinkukhu.  Ake ngime lapho nina bakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifake iLoyi esiswini!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:

UQadolo\uCadolo

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo