Incazelo ngeMpila (AMafuthomhlaba\Callilepis laureola\Wildemargriet)

Incazelo ngeMpila\AMafuthomhlaba\Callilepis laureola\Wildemargriet:

Nina baka Zitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, uSomkhanda wakithi eMkhontweni okhand’abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhex’imilomo!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu, cha thina sisaphila kwaSokhumalo .

IMPILA\AMAFUTHOMHLABA:

Nina beMbube enamandla , le ntelezi eniyibona esithombe esingezansi kuthiwa yiMpila igama layo lesiZulu. Idume kakhulu ngelaMafuthomhlaba . NgesiLungu kuthiwa yiCallilepis laureola. NgesiBhunu kuthiwa ibizwa ngokuthi yiWildemargriet. Angazi ngempela ukuthi kungani iMpila ibizwa ngaMafuthomhlaba, sona isigaxa sayo sinawo amafutha nokho. Okubuye kumangaze ngeMpila wukuthi ngokuvamile imila endaweni engavundile, kuyenzeka futhi ukuthi imile nasendaweni enamatshe, kodwa indlela isigaxa sayo esikhula ngayo iyamangaza. Kanti futhi uma uyimba awumbi kakhulu.  Lo muthi  iMpila ukwenza konke, uyaphalaza , uyageza, uyagquma , uyafakwa nasegazini ngokugcaba, kanti uyangena futhi nasezinsizini ezikhothwayo. Kulo muthi kusebenza izimpande , zinamakha anuka kamnandi futhi zinamafutha amaningi . IMpila ingena ezindaweni eziningi ezingale kweshumi. Iningi labantu kuleli le Ngabade iMpila liyisebenzisa ezinganeni, kodwa ibuye ingene nakwezinye izindawo kwazise iyintelezi emandla kakhulu futhi ekwaziyo ukusebenza iyodwa vo. Izimpande zeMpila zichatha ziphinde zigqume  ingane eshonelwa ukhakhayi noma ephethwe yiNyoni. Ziyangena futhi naseNcwebeni yengane . Iyangena futhi naseNdukwini echela ikhaya , exosha imimoya emibi. Iyangena iMpila entelezini echela izinduku zezinsizwa , zokungcweka. Kanti naBadlali bebhola kanye naBashayisbhakela babayisebenzisa iMpila , bayagquma baphinde bageze ngayo . IMpila iphinde ingene nasemithini okukhishwa ngayo amabhadi , iyageza , iyagquma iyaphalaza. Ekuphalazeni iye iqhathwe nemithi emhlophe esingabala uVumakubangoma omhlophe, iNhlanhlemhlophe , iNingizimu ,uQhume kanye neminye. Inhle kakhulu -ke iMpila kulendawo yokuphalaza, iyawadudula impela amabhadi hhayi indaba yokudlala. Yakha okukhulu ukuthandeka, namaSoka ayikhonze kabi . IMpila ibuye ibe yinhle nasekuqedeni amandla esichitho. Njengokuthi uma ubukade weboleke umuntu othile imali, bese eyayibuyisa, uma kuwukuthi uyasola, usola ukuthi kungenzeka ukuthi leyo mali ibuye isihamba nesichitho, thatha isigaxana seMpila usigxobe, bese usifaka emanzini ,bese uchela leyo mali . Uma bekukade kunesichitho kuleyo mali ngeke size sisebenza. Eminye imithi ekwaziyo ukukwenza lokho iMboziso neSiqunga. Uma uwuMshayeli weMpolompolo kubalulekile ukuthi uhlale unayo  unayo iMpila. Gxoba isigaxa seMpila usifake emanzini ebese uwacwengela eSipakupakwini esincane , uyochela ngawo iNqola yakho yomlilo njalo uma uyongena kwaNkosana, ikakhulukazi uma leyo Nqola yomlilo nishantshana ngayo.


IMpila iyangena nesemithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Ingena kule mithi yaManzamnyama edlelwa ehlathini okuyiyona mithi edliwa kuqala . Kuleyo mithi kusuke  kuqhathwe yona iMpila, uMantingwe\uManzamnyama, uMviyo kanye neminye. Kuyaphalazwa ngayo kubuye kugezwe futhi . Uma leyo mithi isidliwe kube sekubuyelwa-ke  ekhaya,kuyodliwa imithi yeDlozi esingabala uVumabangoma omhlophe, iNhlanhlemhlophe , uMadlozana kanye neminye . Leyo mithi idliwa  kuze kuphele iviki, idliwa yiwo wonke amalungu omndeni. IMpila iyangena futhi nasemithini exosha aMafufunyane phecelezi iZizwe, iyangena nasemithini yokuxosha isilwane esilala nabantu ebusuku. IMpila iyangena nasemabhandeni okulwa. Iyangena futhi nesezinsizini zokuqina , ezikhothwayo kanye nezifakwa egazini. IMpila iyangena futhi nasemithini yokuhlambulula iDlozi , kwezokugeza iZidalwa. Ake ngime lapho nina beQhawe . yintelezi enhle kakhulu  lena ekwaziyo ukuxosha imimoya emibi ekhaya iyodwa vo , ingelekelelwa muthi ,ngokuchela.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi

Niphile nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!

IMpila\aMafuthomhlaba

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo