Incazelo ngeBhuma(Typha capensis\Bulrush\iNgcongolo\Motsitla)

Enhla nasezansi ngiyababingela abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yen’ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda!

Ngethemba isaphila yonke  iNgabade kungumhla wesikhombisa ku-Ndasa onyakeni ka 2023 . Sisaphila thina kwaSokhumalo :

IBHUMA:

Nina beMbube eshoba liyisilikithi lo muthi eniwoba esithombeni kuthiwa yiBhuma ngesiZulu. NgesiXhosa waziwa ngokuthi yiNgcongolo. NgesiSuthu kuthiwa yiMotsitla. NgesiLungu seBotanical name kuthiwa yiTypha capensi, ngaso futhi isiLungu kubuye kuthiwe yiBulrush ngoba lo muthi uyaluma uma uthinte isikhumba somuntu, umuntu uyaqubuka emzimbeni alunywe into engakaze ibonwe. Ngokuvamile , lo muthi ujwayele ukumila ngasemfuleni, noma endaweni eyixhaphozi.


Lenzani iBhuma?

IBhuma kwelukwa ngalo ngamacansi ,kwakhiwe ngalo  izimbenge, amaQoma kanye nokunye okwakhiwa ngotshani . Lenza umsebenzi ofana noweLala. ILala nalo inhlobo yotshani emila ngasemfuleni , nayo kwelukwa ngayo amacansi , ibuye yakhe izitsha zesintu njengalo iBhuma. Uma kuhlonishwa umuntu oshone ngokwemuka nomfula kuye kuthiwe “,uYothenga iLala, noma Wayothenga iLala” , kusuke kushiwo inhlobo yotshani. NeKhwane nalo lihle kakhulu kuleyo ndawo yokweluka.

IBhuma ekwelapheni:

Izingxabu zeBhuma ziwumuthi omkhulu wenzalo kubo bobubili ubulili, abesilisa kanye nabesifazane. Zibuye zibe wumuthi omuhle kakhulu wokuvuselela imizwa yocansi  uma ingasabenzi. Ziyakwazi ukusebeza zizodwa vo, kodwa ziba mandla uma seziqhathwe neminye imithi yenzalo efana noMdudu, uMthuma, , uZungu\uMzungulu, uDlutshani, iNgqaqabulani kanye neminye. Ziye ziphekwe , bese ziphuzwa njengeSiphungo esiphungwa kabili ngeviki. Lesi Siphunga sishisa nezilonda ngaphakathi esinyeni soMame, siqeda namanzi aphuma anephunga elingelihle aphuma esithweni sangasese soMame, siqeda nalokhu okubizwa ngeDischarge. Zibuye zichathe futhi , zichathele khona ukuvusa imizwa kanye nenzalo.

Izingxabu zeBhuma zibuye zingene futhi nasembizeni yezifo zocansi phecelezi “venereal diseases”. Izingxabu zibuye zibe wumuthi omkhulu wezindlebe ezibuhlungu, ziye ziphekwe bese kuconsiselwa umhluzi endlebeni ebuhlungu. Zibuye zithakwe futhi nasemithini yezingane, imithi ephuzwa izingane ezihlushwa iNongwane . Izingxabu zeBhuma uma ziqhathwe neSinwazi, uGobho uNsukumbili neSiklenama esimhlophe ziwumuthi omuhle wokunqamula ifindo elopha njalo kwabesifazane. Izingxabu zeBhuma ziyangena ezimbizeni zoMhluma kanye nezimbiza eziphuzelwa ukudambisa inhlungu yeSilumo.Izimpande zeBhuma ziyangena eGobongweni leNzuza\i, okuyiDlozi laseManzini.  Zinqunywa amakhanda ziyekwe nina beZulu eliphezulu. Niphile nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela !

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

Nansi eminye imithi yenzalo nemizwa:

-iQwaningi

-UZungu\uMzungulu

-ILabatheka

-INkomfe

-UMthuma

-UMdubu

-INgqaqabulani

-UQonsi

-IMoringa Powder kanye neminye

IBhuma

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo