Incazelo ngeNyamazane iMpofu\Eland
Nina beSilo sakithi kwaNodwengu. UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni. NgeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!
Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Ngethemba abeNgonyama basaphila kuzo zonke izindawo lapho bekhona , cha thina sisaphila kwaSokhumalo.
IMpofu
IMpofu yiNyamazane anamandla ayisimanga, iyatholakala lapha kweleNgabade , kanye nakwezinye izindawo ezakhele lona eleNdlovukazi :NgesiLungu kuthiwa yiEland. Lena inyamazane enamandla amakhulu, futhi engabulaleki kalula , namaBhubesi nawo adonsa kanzima uma ezoyibulala, aze ayinqobe ngakho ukuthi asuke eyihlanganyele, emaningi. Kanti nokulwa iyalwa iMpofu ,ikakhulukazi inkunzi yayo. Isikhumba sayo siqine kabi , isikhali asingeni kalula, amaPhisi nawo ayibulala kanzima le nyamazane. Kuye kube lula kuwo uma ehlome ngeNdukuyamagwala. IMpofu inejubane eliyisimanga, kuthiwa iyakwazi ukugijima amaKhilomitha angamashumi amabili ngesivinini esisodwa , ingazange iphumule. Lokho kwenza kube lula kuyona ukuba ikwazi ukushiya izinja , ngoba izinja zona ziyakhathala. Kanti nawo amaBhubesi asheshe akhathale. Ingwe neNgulule ngeke ziyenze lutho iMpofu . INgulule yebo inalo ijubane kodwa ayinaso isibindi njengeBhubesi. Phela iMpofu uma isikhathele iyema , iphenduke ibhekane ngqo nesitha. Manje-ke okuyiZingulule uma kufika kuleso simo kuvele kuhlehle kubaleke .
IMpofu emithini yokwelapha:
Inyamazane iMpofu ingena kakhulu emithini yokuziqinisa. Kuthiwa inesikhwehlela sayo esikhulu impela esihlala emqaleni, kuthiwa leso sikhwehlela siyisigaxa esikhulu. Kuthiwa asitholakali kalula ngoba kuye kuthi uma iMpofu isibona ukuthi isitha sesingenhla , sesiyisa kwaGoqanyawo , bathi iye ibalekele emanzini iyokhiphela khona isikhwehlela sayo. Lokho isuke ikwenzela ukuba abantu khona bengeke bakwazi ukubona isikhwela sayo ngoba siyobe sesihlangene namanzi.
Ithambo le Mpofu lingena ezikweni leMfuyo , iziko le zinkomo . Bathi ziqina kakhulu izinkomo ezisetshenzwe ngethambo le Mpofu . Bathi zinona zidabuke , ngeke uzithole zizacile ngisho noma kubhoke isomiso. Bathi inkunzi yakhona ize izifile engazange yehlulwe ngezinye izinkunzi . Ezinye izilwane ezingena ezikweni lezinkomo yiNhlengethwa noMkhoma okuyizilwane ongeke uzithole zizacile. Izinkomo ezisetshenzwe ngeMpofu zibuye zivikeleke nakuBasokoco, ngoba iMpofu ijule kakhulu . Uma ibulewe kudingeka ukuthi uthole inyanga ezoyichela ngemithi yayo ngaphambi kokuba ihlinzwe. Kungenjalo abantu ngeke bakwazi ukudla inyama yayo, iyobakhipha ngezisu into engakaze ibonwe. Kuthiwa neshoba layo liba namandla kabi uma umuntj elishumpule isaphila yona iMpofu, uma elinqume yona isifile ngeke lize lisebenze . Kuthiwa uma umuntu elinquma kufuneka usho ukthi “useyawathatha amandla abekade ekuyo iMpofu, sekuyoba awakhe”.
IMpofu ayingeni nhlobo emithini eshuqiselwa izingane ngoba leyo ngane iyosuke ibe namandla kakhulu. Kuthi uma ihlangene nezinye izingane zishone ukhakhayi. Ayithakwa futhi iMpofu nakwiNcweba yengane..IMpofu iwela emndeni wezilwane ezibizwa ngothi “amaAntelopes”. INkunzi yeMpofu yakheke yaba nkulu kuneyeNsikazi.
Ake ngime lapho nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza!

Thanks a lot Mtungwa ungakhathali ukusi cathulisa
Madlanduna