Incazelo ngeNhlwathi (Python\iNhlathu:)

Nina baka Menzi kabongwa ngaBalandakazi , ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko kuzond’intamo!

Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi . Ngethemba isaphila . Sisaphila thina kwaSokhumalo.

INhlwathi

INhlwathi yinyoka enkulu ehlobe ngamabala , eziphilisa ngokuginga izilwane, esingabala kuzo amaQhina, iziMpunzi, imfuyo yabantu , kanye nabo abantu imbala  iyabaginga. Lolu hlobo lwenyoka kuthiwa yiPython ngeseLungu. Wuhlobo lwenyoka olongenabo ubuthi , noma lungaluma umuntu akafi. Ubungozi beNhlwathi busekugingeni. Kuthiwa iNhlwathi inyoka yenhlanhla, kuthiwa ibonwa ngabakhethekile, ayibonwa wuye wonke umuntu. Ngokwejwayelekile lezi nyoka zijwayele ukuhamba ngazimbili, eyomfazi neyendoda. Zijwayele ukubonwa ngaMawele , noma ngabantu abazalwa bembethe. Bathi ziyizinhlobo ezintathu , kukhona eyehlathi , kukhona eyamanzi kanye neyentaba . Baye bathi eyentaba yiyona enobuthi, kodwa eyesilisa yakhona , bathi eyensikazi ayinabo ubuithi . Angazi noma lokho kuyiqiniso na. Bathi eyesilisa incane ngesidumbu. Le nyoka ihlobe ngamabala njengoba besingishilo. La mabala iwasebenzisa lapho izobamba isilwane esuke izosidla. Isidlalisela wona la mabala , imane iwashintshantsha,isilwane silibale wukubuka ukuguquka kwamabala ayo asuke eguquka kamnandi , kanti yona ngaleso sikhathi isuke isondela kusona . Uma isizondele ngokwanele iyasgxumela isibambe ngokusithandela ngomzimba wayo , isibophe impela size sife. Isephule namathambo , kwazise bathi akumandla eNhlwathini. Ebese -ke iyasiginga. Uma isisigingile ihlala lapho kuze kufike isikhathi sokuthi leso silwane sibole esiswini.


INhlwathi kwezokwelapha:

Nina beSilo iNhlawathi iyinhlanhla njengoba besengishilo. Kuthiwa ezikhathini zakudala bekuke kwenzeke iNhlwathi itheleke esibayeni sikaMnumzana kodwa ingadli ngisho neyodwa inkomo. Kunalokho ifike izihlahle , izithandelele uthango lwesibaya. Kuthiwa kwakuthi uma kwenzekile lokho uMnumzana wayehlaba eyodwa yezinkomo zakhe , bese ethatha igazi laleyo nkomo achele ngayo leyo Nhlwathi . Kuthiwa leyo Nhlwathi yayimela iDlozi , lokho kwakuwuphawu lokuthi abadala bafuna okusagazi,  lokho kwakusho futhi ukuthi aBanini bezinkomo abangasaphili  bebevakashele esibayeni, bezobuka imfuyo yabo. Ukuchela iNhlwathi ngegazi lenkomo kwakuyindlela yokubonga.

Amasimba eNhlwathi :

Amasimba eNhlwathi awumuthi omuhle wenhlanhla njengoba bekade ngichaza izolo. Angena eZibungeni zenhlanhla, ezamaBhizinisi , adonsa abantu ukuba basondele eBhizinisini. Kuyachelwa futhi nangawo iBhizinisi. Ayangena futhi eNdukwini emhlphe yokuphalazela ukwakha inhlanhla, induku yemithi exube imithi efana noVumakubangoma omhlophe , uMadlozana, uQhume\uMfazothethayo, iNhlanhlemhlophe kanye neminye imithi. Uma iNhlwathi igingile ihlala endaweni eyodwa kuze kubole isilwane esuke isigingile , kubole namathambo aso . Uma sesibolile iyasinya, inya amasimba amhlophe okusuke kungamathambo aleso silwane . Lawo mathambo uma etholwe umuntu uye awomise, uma esomile -ke , uye awagaye abe yimpuphu emhlophe okuyiyona azoyisebenzisa njengomuthi wenhlanhla.

Amafutha eNhlwathi :

Amafutha eNhlwathi mahle ekwelapheni isilonda noma izilonda ezibhibhayo ezingapholi.  Uma kuthathwe amafutha eNhlwathi agcotshwa esilondeni esingapholi , esopha amanzi, sivele sivaleke thaqa. Amafutha eNhlwathi mahle futhi nasemfuyweni  . Kuthiwa uyawathatha amafutha eNhlwathi uwahlanganise noboya  beGalipiki. Bese uthatha udengezi ulufake amalahle avutha bhe, bese uthela wona amafutha eNhlwathi ahlanganiswe nobuya beGalipiki , ukushise , ushunqisele ngakho imfuyo yakho. Kufuneka uqinisekise ukuthi ithuntu iya ngqo emfuyweni yakho. Bathi yanda kakhulu imfuyo , yanda ngalendlela emangazayo. Izinkomo zanda zibe uChibidolo obulala inyoka. IGalipiki wuhlobo lweGundane olufuywayo , olubuye lwaziwe ngeGwinsi

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi:

 

INhlwathi\Python

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo