Incazelo ngaMasimba eNhlwathi

Incazelo ngaMasimba eNhlwathi

Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!

Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila.

Yini iNhlwathi ?

INhlwathi noma iNhlathu yinyoka enkulu , eginga ezinye izilwane , ngisho nabantu imbala iyabaginga . Nezilwane ezinkulu impela iyaziginga , izilwane ezifana nezinkomo, amaDube kanye nezinye. Le nyoka kuthiwa iyinyoka yenhlanhla , ayibonwa yinoma ubani. Zijwayele ukuhamba ngazimbili. Uma izobamba isilwane iye isidlalisele amabala ayo amahle, ilokhu iwaguquguqula kamnandi , isilwane sona sizolokhu silibele wukubuka ukuguquka kwamabala amahle kanti yona ngaleso sikhathi iya ilokhu isondela.


Yini aMasimba eNhlwathi , noma eNhlathu?

Uma iNhlwathi igingile iye ihlale endaweni eyodwa , ibuthise khona  kuze kubole isilwane esingaphakathi esiswini , isisulu esuke isigingile. Yinyama ebola kuqala , bese kubola namathambo esisulu . Uma isilwane sesibolile iyasinya , amathambo iwanya ekugcineni . Yiwona kanye lawa eniwabona esithombeni . Akulula ukuba uwabone aMasimba eNhlwathi , abonwa yilabo abenenhlanhla . Uma sebewabonile-ke baye bawathathe , bakhale bemuke nawo . Bayoweneka ekhaya aze ome .

Yini umsebenzi wamasimba eNhlwathu ?

AMasimba eNhlwathi  awumuthi  wenhlanhla omkhulu ongakaze ubonwe. AMasimba eNhlathu uma esonyisiwe aye agaywe aze abe yimpuphu emhlophe . Leyo mpuphu iwumuthi omkhulu wenhlanhla. Ingena eSibungeni sebhinizi. Iyangena futhi nasemithini yenhlanhla yokuphalaza. Imithi emhlophe , efana noVumakubangoma omhlophe , iNhlanhlemhlophe , uMusa , uMadlozana , uVelabahleke, uQhume\uMfazothethayo, uMtholo\uMafunazayithole kanye neminye imithi . Umuntu ophalaze ngaMasimba eNhlwathi uba nenye inhlanhla engazange ibonwe, uyathandwa ngabaphathi  emsebenzini , uba nenhlanhla ekugembuleni , uyathandwa zintombi njalo njalo . Uma uchele ngawo ibhizinisi lakho , abantu batheleka bagcwale ngendlela exakile. Amasimba eNhlwathi abuye agqume futhi ageze . Awanalo iphunga ungathola ngalo ukuthi yiwona ngempela . Ngakho-ke akhona amathuba wokuthi abantu badlale ngabanye abantu , badayisele abantu into ekungeyona njengoba benza nasemafutheni eSadawana. Kufuneka uye eKhemisi olethembayo nawe, uyowathenga khona.

Ake ngime lapho nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sethu sithi “Kholo Khumalo TV” ubheke izincazelo ngamakhambi

AMasimba eNhlwathi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo