Incazelo ngoVimbukhalo \Ipomoea crassipe Hook\Wildpatata\Seletjane -se-setona

Incazelo ngoVimbukhalo \Ipomoea crassipe Hook\Wildpatata\Seletjane -se-setona

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda!

Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Ngethemba abeNgonyama basaphila.

UVimbukhalo

UVimbukhalo yisimila esimila endle , esisinesigaxa esifana ncamashi nesikaBhatata. Isigaxa sikaVimbukhalo sicishe sifane nesikaBhoqo, kuhluke kancane . Kuthiwa abantu basendulo babezidla izigaxa zika Bhoqo nesika Vimbukhalo.  Kuthiwa endulo kwakuthi uma lomisile izulu abantu baphume ngobuningi baphikelele endle , bayomba izigaxa zalezi zimila ezibizwa ngoVimbukhalo kanye noBhoqo. Kuthiwa babezimba zibe ningi impela , bazigaye , bazomise  bazenze umcaba wokuvuba amasi . Kuthiwa zimnandi zehla esiphundu .


Amagama  uVimbukhalo aziwa ngawo

NgesiZulu lo muthi ubizwa ngokuthi uVimbukhalo . NgesiSuthu kuthiwa yi Sekutle , noma yi Seletjane -se-setona. NgesiBhunu kuthiwa yiWildpatata. NgesiLungu kuthiwa yi Ipomoea crassipe Hook, noma Leafy -flowered Ipomoea, noma Wildewide . Maningana impela  amagama lo muthi owaziwa ngawo .

Wenzani uVimbukhalo ?

UVimbikhalo yintelezi enkulu evimba izinto zabathakathi . Ungena ezintelezini zokuchela ikhaya , uvimba uphinde uphindise ubukhunkuli, ususa namathunzi. Uyangena nakwezokubethela. UVimbukhalo uyangena nasentelezini egeza umuntu onesichitho , noma inhloboni yesichitho . Uyageza , uyagquma . UVimbukhalo uyangena entelezini egeza umuntu ohlushwa amabhadi. Nakhona uyageza ubuye ugqume. UVimbukhalo muhle kakhulu ekwelapheni Amafufunyana phecelezi iZizwe, muhle futhi nasekuxosheni isilwane noma utikoloshe osehluphile ekhaya. Uye uqhathwe neminye imithi . Muhle futhi nasemfuyweni , isigaxa sawo kanye nesikaMhlobo wawo uBhoqo , kanye neNtolwane kuye kugxotshwe , bese kuphuziswa imfuyo ukuze ikhuluphale , inone , yande . Ukunona kwemfuyo kusho ukwanda kwayo , ngoba phela izosheshe ikhwelane , imithe, bese iyanda . Kanti impuphu yesigaxa sika Vimbukhalo kuye kuphululwe ngayo imfuyo ukuze ingakhathazwa  yizilwane zabakhunkuli , otikoloshe . Lona wumuthi obaluleke kakhulu nina beSilo . Ake ngime lapho nina bakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi

UVimbukhalo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo