Incazelo ngeNhlokoshiyane ( Searsia discolor, Mohlohlooane)

Nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni, uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane!#ISilo uMpande leso .ISilo sakithi kwaNodwengu.

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , mabaphile abeSilo. Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa yiNhlokoshiyane ngesiZulu, ubuye ubizwe ngoMkhaphalanga .  Lona wumuthi obaluleke kakhulu , esizweni esinsundu, futhi osetshenziswa yizo zonke izizwe ezinsundu

Amanye amagama iNhlokoshiyane ebizwa ngawo.

NgesiXhosa ubizwa ngokuthi yiNtlokotshane, noma INkobesehlungulu . Ka se Sotho ba re ke Mohlohlooane .NgesiNgisi kuthiwa yi Grassveld currant. Amabhunu awubiza nge Grasveld taaibos


 

Okwenziwa yiNhlokoshiyane

Lona wumuthi omkhulu wesichitho sezinduna , awusiboni isichitho sezinduna. Kodwa, kufuneka umbe omile eceleni kwendlela, lapho kudlula khona abantu . Lo muthi uyakwazi ukusidudula isichitho sezinduna uwodwa nje vo . Kusetshenziswa izingxabu namacembe . Kuyenzeka -ke ukuthi uhlushwe isichitho sezinduna kodwa ube ungekho endaweni yasemakhaya   , uma ukuleso simo cha ungawuthenga eMakhemisi esintu , uzosebenza nawo. Kodwa ngeke usaba mandla njengalowo osuke umbiwe eceleni kwendlela .Lo muthi uyaphuzwa ,uyageza,  uyagquma , uyaphalaza futhi. Uma uwumuntu onenkinga yezinduna thatha izingxabu namacembe eNhlokoshiyane , ugqume  , uphuze uphinde futhi ugeze ubuso, ubugezele endleleni . Noma esangweni lasekhaya kwenu ngoba kuyikhona kanye lapho abakhunkuli bejwayele ukucupha uNoxhaka wabo wesichitho . Bese ngakusasa uthathe impande yeNhlokoshiyane uyiqhathe noMaphipha ikhubalo ,uNtonganazibomvana, iNgwavuma neNtolwane uphalaze ngayo leyo Nduku ebomvu tebhu. Ziyosha zonke izinduna ebusweni usale ubukeka kahle. Lo muthi iNhlokoshiyane vele uwumuthi wokuhlanza isikhumba , ubuye ushise nezilonda ngaphakathi emaphashini nasezibindini. Uyangena nasezimbizeni zokuhlanza igazi ,uqhathwa nabo oMaphipha ikhubalo , izingxabu zoMthunduluka uGagane kanye neminye imithi. Muhle kakhulu futhi nasezifeni zocansi , oDilobhu. Uyasikhipha futhi nesidina emuntwini  uma umuntu ephalaze ngawo .Wumuthi omuhle kakhulu lona nasezifeni ezishobingisa igazi, oBhelihaziya. Kahle-hle uwumuthi wokuklina, wokuhlanza, wokuklina . Uyangena futhi nakwezokuchathela imikhuhlane equbukisayo . Wumuthi wesikhumba lona. Izithelo zawo ezincanyana ziyadliwa , ziyamfimfithwa kugwinywe umhluzi omuncwana kamnandi . Zelapha izilonda ngaphakathi esiswini. INhlokoshiyane lithela eHlobo . Izithelo zalo ziba luhlaza ngokombala manxa zingakavuthwa , uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube nsundu , brown. Ake ngime lapho nina aboTeku lwabafazi bakwaNomgabhi betekula behlezi eMlovini bethi uShaka kayikubusa kayikuba nkosi ,kanti yilapho ayokunethezeka khona! Nina bakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!#ISilo uShaka leso! ISilo sakithi kwaDukuza.

#Khumu!

Thola ulwazi olunye ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo