Incazelo ngeMpepho\Helichrysum odoratissimum\Kooigoed kruie

Incazelo ngeMpepho\Helichrysum odoratissimum\Kooigoed kruie

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu laduma obala lapho lungemunga kungeMtholo! IMbube eshoba liyisilikithi!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba isaphila.

IMpepho

Lona wumuthi  wokuxhumanisa abantu abaphila emhlabeni , kanye neZidalwa zakubo. Ubaxhumanisa ngokuthi ushiswe eMsamo , bese uSokhaya noma iNkosana  ikhulume neZidalwa isho konke esuke ifisa ukukusho. Kulo muthi kuye kushiswe amakhasi ,noma izinduku. IMpepho ishiswa uma kunomsebenzi ekhaya , kungaba  wumsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho, kungaba owokubika ingane, kungaba inoma wumuphi umsebenzi wasekhaya . Umsebenzi weMpepho ukuxhumanisa abantu namaDlozi, ibaxhumanisa ngokuthi ishiswe eMsamo, ishiselwa esitsheni sokhuni , noma odengezini. Lona wumuthi obaluleke kakhulu esizweni sabaNsundu . Zonke izizwe ezinsundu ezilapha eNingizimu Afrika ziyayisebenzisa iMpepho. Kuthiwa ziningana izinhlobo zeMpepho. Mina ngazi izinhlobo ezintathu . Yilezi ezilandelayo.


1.IMpepho yeZidalwa.

Lolu wuhlobo lweMpepho oludayiswa kakhulu eMakhemisi edayisa imithi yeSintu. Lunezinduku ezinkulu ukwedlula zonke izinhlobo zeziMpepho engizaziyo. Nephunga nalo linuka kakhulu . Lolu hlobo lweMpepho lushiselwa iZidalwa njengoba negama nalo lizisho . IMpepho yeZidalwa isetshenziswa uma kunomsebenzi ekhaya, kungaba wumsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho noma kube uluphi nje uhlobo lomsebenzi oludinga ukuba abantu baxhumane neZidalwa. Kubuye kuphalazwe ngeMpepho yeZidalwa,kuphalazelwe ukuzihlanza ,nokususa isidina kanye nakho konke nje ukungcola okunakashela umuntu. IMpepho yeZidalwa kuphalazwa ngayo iyodwa, iyaphekwa , bese iyaqungwa ukuze yande .  Kuphalaza wona amakhasi . Kuphalazeka kahle ngayo uma isafudumele.

2.IMpepho yeZangoma

Lena iMpepho esetshenziswa kakhulu yiZangoma . Nazo ziyisebenzisa uma zixhumana namaDlozi azo . Lolu hlobo lweMpephop lugabe kakhulu ngezimbali , luhle , luyabukeka uma ulufice luqhakazile. Lolu hlobo lweMpepho luyanuka, kodwa alusondeli kweyeZidalwa . EyeZidalwa yiyona enuka kakhulu kunazo zonke . Lolu hlobo lweMpepho lusebenza kakhulu ePhehlweni, lapho oThwasa neZangoma besuke  bexhumana khona neZidalwa.

3.IMpepho yaMawele

Ize leMpepho ibuye isetshensiswe  nasekhaya uma kuthethwa iDlozi, kodwa  iyiMpepho esetshenziselwa , noma eshiselwa kakhulu abantu abangaMawele, kusukela ebuncaneni babo , kuze kube sebudaleni babo sebezishisela bona uqobo. Lolu hlobo lweMpepho yilona futhi olushiselwa umuntu wekhethelo , umuntu owazalwa embethe. Nasekhaya nje le Mpepho iye isetshenziswe nakwiZidalwa uma kuthethwa iDlozi ngoba kuyenzeka kube khona owaganga wasebenzisa iMpepho yeZidalwa , manje-ke ukusebenzisa lena eyaMawele bathi kwenza nalona omubi angasondeli ngoba yena  usuke elinde  nje ukuthintwe iMpepho lena yeZidalwa. IMpepho yaMawele ithanda ukuba mhlophe uma uyibukisisa , usuyiqhathanisa nezinye.Kanti eyeZidalwa ithanda ukugqugqa sengathi iba nsundunyana.   Okunye futhi eyaMawele inezinduku ezincane kunalena eyeZidalwa . EyeZangoma icishe ifane neyaMawele, umehluko wukuthi yeZangoma inezimbali kakhulu .

Okubuye kwenziwe ngeMpepho

Ngaphandle kokuxhumanisa abantu neZidalwa , iMpepho kubuye kuphalazwe ngayo . Kuphalazwa ngalena ebizwa ngokuthi eyeZidalwa. Kuthiwa endulo abantu besifazane babeyisebenzisa ekugezeni, beyisebenzisa njengensisa njengeNsipho. Kuthiwa nanamuhla iSichongco sayo singumuthi ogeza abasefazane abasuke benephunga eliwumsaka

Khumu!!

Niphile nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi, uMudli wegunyazane eyodwa kwaNolele!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi

IMpepho yeZangoma

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo