Mathonsi

UMthakashana Mathonsi , iGosoUmlando ngesibongo sakwaMathonsi

Umlando ngesibongo sakwaMathonsi

Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsinga. Namuhla abantu bakwaMathonsi bayisizwe esikhulu eMandeni , banobukhosi obukhulu khona. Ngokusho kukaBaba uBarney ka Ngogo uthi abantu bakwaMathonsi bazalwa nguMathonsi waseBathenjini. Uthi yena uMathonsi wazala uMwelase , uDunga , uNzimande , uPhoboye kanye nabanye abaningi. Uthi uMwelase yena wazala uMadondo owayebuye aziwe ngelikaMnquhe. Abantu bakwaMathonsi namuhla sibathola eMandeni , bayisizwe esikhulu , esinoBukhosi obukhulu. Enye ingxenye yakwaMathonsi siyithola eMdlovana , eGreytown . Kuthiwa yona iphuma eNkosini uShekembuya owazala uNdlovu , owazala uDlamanzi, uDlamanzi wazala uMdubeki . *** Kuzokhumbuleka  futhi ukuthi noMntwana uZibhebhu ngenkathi ehlulwe yimpi yeSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu eTshaneni ngoNhlangulana 1884, wabalekela esizweni sakwaMathonsi eMandeni. Okusho ukuthi isizwe saMathonsi sabe sesisikhulu kakhulu  ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaMathonsi

Dunga!

Mnquhe.!

Madondo!

Mwelase!

Khwezi!

Wen” owela ngezimbambo zomfula

Abanye bewela ngezibuko

Shekembuya

Nkonyane yeNkosi

#Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngamakhambi , nangomlando wezibongo zaboHlanga

 

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo