Umlando ngesibongo sakwaMathonsi
Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsinga. Namuhla abantu bakwaMathonsi bayisizwe esikhulu eMandeni , banobukhosi obukhulu khona. Ngokusho kukaBaba uBarney ka Ngogo uthi abantu bakwaMathonsi bazalwa nguMathonsi waseBathenjini. Uthi yena uMathonsi wazala uMwelase , uDunga , uNzimande , uPhoboye kanye nabanye abaningi. Uthi uMwelase yena wazala uMadondo owayebuye aziwe ngelikaMnquhe. Abantu bakwaMathonsi namuhla sibathola eMandeni , bayisizwe esikhulu , esinoBukhosi obukhulu. Enye ingxenye yakwaMathonsi siyithola eMdlovana , eGreytown . Kuthiwa yona iphuma eNkosini uShekembuya owazala uNdlovu , owazala uDlamanzi, uDlamanzi wazala uMdubeki . *** Kuzokhumbuleka futhi ukuthi noMntwana uZibhebhu ngenkathi ehlulwe yimpi yeSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu eTshaneni ngoNhlangulana 1884, wabalekela esizweni sakwaMathonsi eMandeni. Okusho ukuthi isizwe saMathonsi sabe sesisikhulu kakhulu ngaleso sikhathi.
Izithakazelo zakwaMathonsi
Dunga!
Mnquhe.!
Madondo!
Mwelase!
Khwezi!
Wen” owela ngezimbambo zomfula
Abanye bewela ngezibuko
Shekembuya
Nkonyane yeNkosi
#Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngamakhambi , nangomlando wezibongo zaboHlanga
Cha mntwungwa akwengiphawule ngomlando olotshwe kule nkundla,mina ngu Sphesihle ka Mkhumbuleni ka Mgubevu ka Mgandeni owusomlando wakwaMathonsi khona ebukhosini base mandeni(Ndondakusuka) kukhona ukushayisana komlando okungphatha kabi ukuthi bekumele ucwaninge uthole okuyikho ngomlando wakithi kubantu bakhona ngiyadabuka nje mina ngoba kuzo duka izizukulwane eziningi ngokulotshiwe
Ngikuzwa kahle wena wakoDunga , ayidle izishiyele kuleyo ndawo wena weSilo. Bengicela oweNkosi asho ingxenye abona kuyo iphuthe bese siyalilungisa wena wakoDunga
Ngiyathokoza Mntungwa kakhulu ukuthi ngithinte lpho kuphambuke khona noma sengiphendula emva kwesikhathi eside,inkosi uMgandeni ezalo omkhulu ibazale omkhulu seyidlule impi yase Sandlwana futhi alikho iqhaza esthi balibamba kuleyompi ngoba babe ngakazalwa kanti yona uqobo lwayo ayinaqhaza kuleyompi,inkosi uMgandeni akuyona eyafika eMandeni(Ndondakusuka)Kwaba uyise inkosi uTshana ka Shekembuya,ukhokho uMgandeni uzalelwe khona emandeni nangenkathi iNkosi uTshana ifika kubantu bakwaKhuzwayo yayibiza nje uMathonsi ngoba yayisuka ngaphesheya koThukela ebukhosini bakwaMathonsi obabuholwa uyise inkosi Shekembuya Mathonsi ukuthi bavika bengomvelase akunjalo,igama lika baba omdala inkosi uVusimuzi ka Mcatshangelwa uBeshe ayi uBheshe,kuningi Mntungwa okungaveziwe ebengifisa kufezwe njengokufika kweNkosi uTshana ukuthi yafika kanjni eMandeni nanokuba yinkosi yaba inkosi knjni nanokuthi obani ababa neqhaza ekutheni uMathonsi ubuse imandeni nano kwanda kwaMathonsi kanjlo nezindlu zamakhosi akho kanjlo nabantwanana bakhona noNdlonkulu bakhona,ngiyathokoza Mntungwa okuningi ngomlando Mathonsi ungangithinta kule nombolo 0784023894
Wena ka Dunga isandla sedlula ikhanda Mntanenkosi ngiyabonga kakhulu . Ngixolise ngokwephuza ukuphendula qhawe, ewu ngonyaka owedlule ngike ngahlaselwa inhlupheko ngagcina ngiphoqeleke ukuba ngidayise iLaptop. Manje ke wena weSilo ngoCingo akungeneki kwiDashboard yeWEBSITE qhawe lakithi . Cha usebenzile qhawe ngiyabonga kakhulu , ngizokuthinta ezinsukwini sifakane imilomo
Uphile Dunga!