Umlando ngoNdlela ka Sompisi Ntuli

Umlando ngoNdunankulu u-Ndlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela)

-Kuloba INtungwa lasenhla KwaSoKhumalo

U-Ndlela ka Sompisi Ntuli wabe eyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane, wayebuthelwe eButhweni leNtontela ebuthwa yiNkosi u-Senzangakhona ka Jama . Uyise ka Ndlela u-Sompisi wabe eyiNsila yeNkosi u-Senzangakhona , wayenekhono lokuganzinga izinkobe, ngalokho-ke wagcina edume ngelikaNkobe. Udadewabo kaNdlela ogama lakhe kwakunguBhibhi wagana iNkosi u-Senzangakhona , kwazalwa uMntwana u-Sigujana. Ngesikhathi iLembe lithatha isihlalo soBukhosi bakwaZulu iningi lamabutho ayekade engakaYise lawahlakaza , lawafaka eButhweni leZimpohlo. INtontela yona ayizange ihlakazwe , yaqhubeka kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo u-Dingane. Ibutho leNtontela lalithe ukuba lidala ngokweminyaka eSilweni u-Shaka, kwazise lalibuthwe ngesikhathi iLembe lisakhula laphaya oYengweni kwaMthethwa. U-Ndlela wagqama kakhulu ngeMpi uZulu ayilwa namaNdwandwe ayebuswa yiNkosi u-Zwide ka Langa . Lempi yalwa ngowe 1821 , yalwa izikhawu ezintathu . Esokuqala saba laphaya eGqumeni lakwaGqokli , esesibili saba ngasemfuleni uMhlathuze , esesithathu saba laphaya ehlathini laseNkandla nokuyilapho uZulu adlela khona umhlanganiso ngokuphelele. Esikhawini sesibili nokuyisakhawu saseMhlathuze u-Ndlela waba ngenye yezinkubela ezazilimale kanzima kangangokuthi ozakwabo baze bamshiya enkundleni yempi bethi ufile , kanti lutho wayesaphila . Bafika esigodlweni seLembe kwaBulawayo babikela iLembe ukuthi u-Ndlela wayeshonele khona eMhlathuze . Kuthiwa laphatheka kabi kakhulu iLembe ngoba lalimkhonze kakhulu u-Ndlela ngenxa yobuqhawe bakhe . Lase likhipha umyalelo owawuthi makalandwe azofihlwa kahle ngesizotha . Kuyilapho-ke okwatholakala khona ukuthi wayangafile u-Ndlela , wayesaphila .  Wathalwa-ke umfoka Sompisi kwayiwa naye kwaBulawayo ngaseNdlayangubo eShowe. Izinyanga zeSilo u-Shaka zamenzela umhlabelo , wathungwa amanxeba , wancindiswa , wachathwa , wagcina eluleme waphila qingqo , waqhubeka nokulwa izimpi . Yileso sehlakalo saseMhlathuze esatholisa u-Ndlela izihasho ezithi ‘UnguManxaba angamanxuluma ! Unolusingana olungakanani ? Olungathunga uNdlela amanxeba na?” Ngesikhathi seSilo u-Dingane u-Ndlela wakhushulelwa ekubeni nguNdunankulu wezwe {Prime Minister} , isekela lakhe kwakungu-Nzobo ka Sobadli Ntombela owayebuye aziwe ngelikaDambuza . U-Ndlela nesekela lakhe u-Nzobo baba ngezinye zezikhulu zeSilo u-Dingane ezathatha isinqumo sokuthi kubulawe aMabhunu ayebhadanywe ngoGqayinyanga ezama ukukaka isigodlo saseMgungundlovu ebusuku. Kulawo Mabhunu kwakukhona noPiet Retief okwaqanjwa ngaye idolobha laseMkhondo . Lawo maBhunu abulawelwa entatsheneni i-Matiwane. U-Ndlela nesekela lakhe u-Nzobo yibona abahola uZulu ngenkathi ulwa naMabhunu eNcome mhla zingama 16 Zibandlela 1838 . Kwathi ngowe 1839 kwaqubuka ingxabano phakathi kweSilo u-Dingane noMntwana u-Mpande , nokwaholela ekutheni uMntwana u-Mpande agcine ewelele khona eMabhunwini ka Andries Pretorious . Lokho kwalendelwa yiMpi yaseMaqondo eyalwa ngowe 1840 mhla zingama 29 Masingana , lempi yabe iphakathi kweSilo u-Dingane noMntwana u-Mpande owayelekelelwa ngaMabhunu ayesaqhuba igqubu lawo . Nakhona eMaqonqo impi yeSilo u-Dingane yaholwa yibona oNdlela noDambuza,eyoMntwana u-Mpande yona yaholwa u-Nongalaza ka Nondela Mnyandu. UMntwana u-Mpande wanqoba eMaqondo , wabuthatha kanjalo uBukhosi bakwaZulu .U-Ndlela wafa ebulawa yiSilo u-Dingane ngemuva kokwehlulwa kukaZulu eMaqonqo, sambulala ngoba simusole ngokugodla amabutho ngenkathi kuliwa eMaqonqo. U-Dambuza yena wafa ebulawa ngaMabhunu ngemuva kwempi yaseMaqonqo.  Ukwehlulwa kweSilo u-Dingane eMaqonqo kwawajabulisa kakhulu aMabhunu kangangokuthi aze abiza isigodlo sawo sase Pietermartizburg ngoMgungundlovu, athi yiwona Mgungundlovu wangempela , ebhinqa iSilo u-Dingane. IPietermaritzburg amaBhunu ayeyiqambe ngabaholi bawo oPiet Ritief no Gerrit Maritz abasebeshonile ngaleso sikhathi .

Imithombo yolwazi

-Olden Times in Natal and Zululand ,{Incwadi eyalotshwa ngu-A.T Bryant

-James Stuart Archives Volume 1, {Incwadi eyalotshwa ngu-James Stuart}

-Izizwe zaMakhosi akwaZulu-Umqulu 3, {Incwadi eyalotshwa ngu-Solwazi Jabulani Maphalala}

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo