Umlando ngenkosi uSigonyela Molefe

Umlando ngenkosi uSigonyela ka Mokotjo yabaTlokwa

Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Inkosi uSigonyela yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe endaweni yaseNtabazwe {Harismith}, yabusa kusukela ngowe 1824 kwaze kwaba u 1852 . Yona yayizalwe ngowe 1804. Isizwe sabaTlokwa sibandakanya izibongo zakwaMolefe, Matsau, Tsotetsi , Mokotjo , Lebusa , Motonosi kanye nezinye . Laba bantu bakwaMolefe bangabeSuthu ngokwendabuko , abeSuthu bahlukaniswe izigatshana . Kulezi zigatshana singabala bona abaTlokwa, abaHurutsi , abaTaung , abaKgatla , abaSia , abaKwena njalo njalo . Ukhokho wabantu bakwaMolefe nguMolefe ka Mokhalaka wabaTlokwa. AbaTlokwa baphuma kubaKgatla , abaKgatla bona bephuma kubaRolong. Inkosi uSigonyela empeleni igama layo eliqondile kwakunguSekonyela indodana ka Mokotjo, leli elikaSigonyela lachunyiswa ngabaNguni ngoba behluleka ukubiza igama eliqondile.  Inkosi uMokotjo yakhothama ngowe 1820 , ngemuva kokukhothama kwayo ubukhosi babanjwa uNdlunkulu wayo uMonyalue owayebambele indodana yakhe uSigonyela . Amanye amadodana enkosi uMokotjo kwakungoMotha noKakoli , ababebadala kuSigonyela , kodwa uSigonyela waba yinkosana ngoba unina uMonyalue wayephuma ebukhosini obukhulu baBasia , futhi elotsholwe yisizwe sabaTlokwa. UNdlunkulu uMonyulue wazibula ngentombazane ogama layo kwakunguNtathisi , uNtathisi welanywa nguSigonyela.  UNdlunkulu uMonyalue wayebuye aziwe ngelika ‘MaNtathisi’ okuchaza ukuthi ‘Mama ka Ntathisi’ ngesiZulu . Kwagcina sekuchume lona elikaMaNtathisi .Kwathi ngowe 1824 uMaNtathisi washenxa esikhundleni sobukhosi eshenxela uSigonyela owayesekhule ngokwanele. Ngowe 1837 inkosi uSigonyela nempi yayo  yaphikelela lapho sekuse seUtrecht khona namuhla, yafike yeba izinkomo zenkosi uLangalibalele Hadebe maqede yashaya yachitha nazo yabuyela eNtabazwe . Inkosi uLangalibalele yayakhe khona kuleya ndawo eyagcina ebizwa ngeUtrecht.  Lelo zwe lalingaphansi kweSilo uDingane. Kwathi uma iSilo uDingane sizwa ngesenzo senkosi uSigonyela sathukuthela sathelwa ngamanzi . KwaZulu izinkomo  zazithathwa njengomcebo wesizwe , kwakuthi uma umuntu ebaleka kwaZulu kwakufanele azishiye izinkomo . Owayehamba nazo wayelandelwa yimpi enkulu yeSilo sakwaZulu ifuna ashiye izinkomo. ISilo uDingane sathumela izithunywa enkosini uSigonyela sithi kudingeka ibuyise izinkomo noma ibhekane nempi.  Inkosi uSigonyela yakhuluma amagama okweyisa ayethi iSilo uDingane kudingeka siyosoka noma size kuye azosisoka . Kwathi impi yeSilo uDingane ingakathunyelwa eNtabazwe ukuba iyolanda izinkomo zenkosi uLangalibalele , kwafika amabhunu ka Piet Retief eMgungundlovu ngawo owezi 1837, athi eSilweni uDingane ayengazilanda izinkomo enkosini uSigonyela . Isigungu seSilo uDingane sawavumela lawo mabhunu ukuba alande izinkomo enkosini uSigonyela .  Ngempela aya emabhunu eNtabazwe ephethe oZankosi , afike ayenga inkosi uSigonyela ngokuthi oZankosi kwakungamasongo okuhlobisa izihlakala , kanti ayayibopha inkosi yabaTlokwa. Athi mayikhombe zonke izinkomo zenkosi uLangalibalele. Ngempela yazikhomba zonke . Amabhunu aziqhuba abheka nazo kwaZulu kodwa ezinye azigodla , nayo inkosi uSigonyela agcina eyidedelile angayisa eSilweni uDingane.Kuyileso sizathu oZankosi bebuye baziwe ngokuthi ‘ngamasongo kaSigonyela’.  Amanye alawo mabhunu alanda izinkomo kubaTlokwa agcina ebulawe yimpi yeSilo uDingane ngemuva kokubhandanywa kwawo ngogqayinyanga ezama ukuhaqa uMgungundlovu ebusuku ngawo owe 1837.Kuhambe kwahamba amabhunu akha idolobha laseUtrecht ngowe 1848 . Inkosi uSigonyela yona yagcina ihlaselwe yinkosi uMushweshwe ngowe 1852 , yehlulwa yabaleka yabheka lapho sekuseBloemfontein khona namuhla . Ngemuva kokubaleka kwenkosi uSigonyela umfowayo uMotha wasala eqoqa abaTlokwa abasebehlakazwe yimpi yenkosi uMushweshwe wababusa , waba yinkosi yabo entsha . UMotha wayezalwa eKhohlo , ezalwa yinkosi uMokotjo . UMotha wazala inkosi uHlubi eyagcina isikelwe indawo eSinquthu isikelwa ngamaNgisi . Inkosi uHlubi yalwa ngasohlangothini lwamaNgisi empini yaseSandlwana mhlaka 22 Masingana 1879.

Imithombo yolwazi

-Nalane {Incwadi eyalotshwa nguFezile Futhwa

-The Zulu Aftermath {Incwadi eyalotshwa nguOmar Cooper}

-Izizwe zamakhosi akwaZulu uMqulu 3 {Incwadi eyalotshwa nguSolwazi Jabulani Maphalala}

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo