Umlando ngoMehlokazulu Ngobese iNgobamakhosi.

Umlando ngeNkosi uMehlokazulu kaSihayo Ngobese iNgobamakhosi
-Kuloba uKholo Khumalo INxazonke*
UMehlokazulu Ngobese wayeyiqhawe likaZulu ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo kaMpande noDinuzulu kaCetshwayo .  UMehlokazulu wayeliFelankosi uqobo . Ibutho lakhe kwakuyiNgobamakhosi .INgobamakhosi yabuthwa yiSilo uCetshwayo ngowe1873 .Sayibutha sisanda kuhlala esihlalweni sobukhosi . INduna yeNgobamakhosi kwakunguSigcwelegcwele kaMhlekehleke waseMangadini. INgobamakhosi yazala uCijimpi neNqabayembube nokungamabutho abuthwa yiSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo kaMpande.  INgobamakhosi yayande izinsizwa ezazinesibindi esiyisimanga . Iyakhumbuleka iNgomakhosi mhla idumelana noThulwana eSigodlweni sasoNdini kuwuMkhosiwokweshwama/ uMkhosiwoselwa. Yadumelana ngezagila kwancane indawo . UThulwana  lwagcina lugunyazwe ukulwa ngamaklwa lugunyazwa iNduna yalo uMntwana uHhamu kaMpande, lwagwaza lwabulala izinsizwa eziningi zeNgobamakhosi ezazilwa ngezagila . Kwafa izinsizwa eziningi kakhulu zeNgobamakhosi. Leyo mpi yoThulwana neNgobamakhosi yalamuleka sekungasazi muntu. UMehlokazulu waba ngenye yezinkubela kulokho kuhlaselana kwamabutho amabili. Indaba yayiqale ngoSigcwelegcwele owayephambane ngamazwi noMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) owayeyiNduna yoThulwana .UThulwana lwalubuye lwaziwe kakhulu ngelaMamboza. Lwalwande kakhulu aBantwana baseNdlunkulu yakwaZulu . UMntwana uSomkhele ka Mayanda naye wayekulona uThulwana. USomkhele wayenguMntwana ngesizathu sokuthi unina kwakunguMntwana uNtikili kaSenzangakhona . UMntwana uNtikili wayelama uMntwana uNzibe owakhothamela eDalagubha kwaSoshangana ngenkathi impi yeLembe iphume yayohlasela iSilo sikaGasa uSoshangana Nxumalo .UMntwana uNzibe walunywa kakhuku uNakane nokuwuhlobo lwezibawu olwaluyingozi kabi , bathi lwaluluma umuntu ashone ngokushesha okukhulu . UMntwana uNzibe yena wayelama uMntwama uNozicubu owayelama iSilo iMpande emhlane.  Babezalwa uNdlunkulu uSongiya kaNgotsha wakwaHlabisa . UMntwana uNtikili wendela eNkosini uMayanda ka Veyana Mkhwanazi kwazalwa uMntwana uSomkhele owabuthelwa kuThulwana .
UMehlokazulu Ngobese yena wayeyiNkosana yeNkosi uSihayo kaXhongo ka Mthintisi Ngobese. Isizwe sakwaNgobese sidabuka ngaseMakhosini ngasentabeni iNtuzuma eduze komfudlana iMpembeni . Ngesikhathi sisazinze ngaseMakhosini sasibuswa iNkosi uNtusi kaMalakatha . Kwahamba kwahamba isizwe sakwaNgobese sagcina sifudukele eSinquthu nokuyilapho sisazinze khona nanamuhla.  Lesi sizwe sibuye saziwe ngokuthi singaMaqungebe nokuyigama okuthiwa lakheka ngesenzo sokweba ubisi . INkosi uNtusi yazala iNkosi uMkhumuza yona yazala iNkosi uMcekeza engazange ibe nenzalo. Ngakho-ke ubukhosi bagcina buwele eKhohlo endlini kaDonda . INkosi uDonda-ke ezala ubukhosi bakwaNgobese ubuseSinquthu . INkosi uDonda yazala iNkosi uMbikwe , iNkosi uMbikwe yazala iNkosi uMthintisi eyazala iNkosi uXhongo , INkosi uXhongo yazala iNkosi uSihayo nokuyiyona eyazala iqhawe uMehlokazulu nalo elagcina selibusa isizwe saMaqungebe ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu .
Amanye amaqhawe akwaNgobese ngoSigqalaza Ngobese nendodana yakhe uManyonyo ababephila ngesikhathi seSilo uShaka . INkosi uXhongo yayizalwa eNdlunkulu yakwaZulu eGazini. Ayizange ikhululele esizweni saseMaqungebeni kepha yakhulela eKhakonina ngaphansi kwehlo loMntwana uSithayi kaNdaba  oThaka( Wakkerstroom) . Yaze yabuya isikhulile isizothatha ubukhosi. Yona- ke yazala uMfokazana noSihayo . NguMfokazana owayemdala futhi nguyena owalandela uyise uXhongo esihlalweni sobukhosi. INkosi uMfokazana nayo ayizange ithole izingane ngakho-ke ubukhosi bawela kuMnawayo uSihayo .USihayo wabekwa yiNgonyama uMpande.  INkosi uSihayo yaphila kwaze kwaba isikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo . INkosi uSihayo yaba ngesinye sezikhulu zoMbuso kaZulu ezaguqa mhla uMntwana uZibhebhu kaMaphitha eshobocisa oNdini mhla zingama 21 kuNtulikazi 1883 .
UMehlokazulu ukhumbuleka  ngenkathi kuzolwa impi yaseSandlwana. INkosi uSihayo yayiganwe ngamakhosikazi amaningi kakhulu . Langa limbe  enye ingxenyana yamakhosikazi ayo yawela uMzinyathi yaphikelela eSilungwini . Eqinisweni akucaci kahle-hle ukuthi yayiyokwenzani eSilungwini. UMehlokazulu noMngane wakhe owayenguMntwana waseSwazini uMbilini kaMswazi wesibili kanye nezinye izinsizwa zakwaNgobese zawelela eSilungwini zayobulala oNina ngoba zibasole ngokuthi babeyophinga nabelungu . Kukhona omunye umlando othi babengayile ukuyophinga kepha babeyokhonza uNkulunkulu waBamhlophe. Isenzo soMehlokazulu sawathukuthelisa kakhulu amaNgisi akhipha umyalelo owawuthi kwakudingeke ukuba iSilo uCetshwayo sethule oMehlukazulu kuMaNgisi bazobhekana nengalo yomthetho ngesenzo sabo. ISilo sawushaya indiva umyalelo wamaNgisi naso saqala ukuzilungiselela impi. Empeleni iSilo sasesikhathele imithetho eyayingapheli eyayishaywa ngamaNgisi. Kwaliwa-ke eSandlwana mhla zingama 22 kuMasingana ngowe 1879. UZulu wazidlela amahlanga empini yamaNgisi eyayinkulu ngesibalo kunekaZulu. EyaMaNgisi yayimbandakanya nezizwe ezinsundu ezazingamambuka . UMehlokazulu walwa ngokuzikhandla nangobuqhawe obukhulu eSandlwana.  Kwathi ngemuva kokukhothama kweNkosi iSihayo kwabekwa uMehlokazulu esihlalweni sobukhosi .  UMehlokazulu walwa kuzo zonke izimpi zikaZulu ngesikhathi saMakhosi oCetshwayo noDinuzulu. Wayekhona eSandlwana njengoba besengishilo , wayekhona eMsebe, kwaCeza , kweyakwaNdunu, kweyaMakhanda kanye nakweyaseMome nokuyilapho asala khona.
Ngegunya likaMashiqela (Charles  R Saunders) amaNgisi agcina ebeke isimaku sawo iNkosi uHlubi kaMotha engxenyeni yezwe lakwaNgobese eSinquthu.  INkosi uHlubi kaMotha wakwaMolefe yalwa ngasohlangothini lwamaNgisi eSandlwana.  INkosi uHlubi yasihlalisa kabi impela isizwe sakwaNgobese kangangokuthi iNkosi uMehlokazulu yagcina idingiselwe eMahlabathini esizweni sakwaMpungose ngaphansi kweNkosi uNgobozana kaVukuza Mpungose ngenxa yayo iNkosi uHlubi. INkosi uHlubi yaqamba amanga yatshela amaNgisi ukuthi iNkosi uMehlokazulu yayamukele izinhloli zoSuthu zeSilo uDinuzulu impi ingakadumelani ehlathini lwakaCeza ngowe 1887 nangowe 1888. UMashiqela wawakholwa amanga eNkosi uHlubi wakhipha umyalelo owawuthi uMehlokazulu kwakufanele adingiswe.
IMantshi yaseSinquthu u- RH Addisom wagcina ethule umbiko owawuthi kubuyiswe iNkosi uMehlokazulu eMahlabathini lapho yayidingiswe khona. Ngempela yabuya iNkosi uMehlokazulu kodwa ekubuyeni kwayo yafica izwe layo amaNgisi eseliklayele izimaku zawo ezazingamakhosi ansundu , yona iNkosi uMehlokazulu isisele nendawana nje engatheni.
Kuningi okuhle iNkosi uMehlokazulu eyakwenzela uZulu singalandisa kuze kushone ilanga . Kwathi uHulumeni wamaNgisi unquma ukuthi lonke izwe lamaZulu enyakatho yoThukela lalifanele liklayelwe amaNgisi ngokwegunya likaMashiqela neKhomishane yakhe eyayaziwa ngokuthi yiZululand Lands Delimitation Commision 1902-1904 uMehlokazuli wathukuthela wabhalela iSilo uDinuzulu ekhononda ngokwakwenziwa yiKhomishane kaMashiqela kubantu baseSinquthu. UMehlokazulu wayibikela iNgonyama ngakho konke okwakwenziwa uMashiqela , wayibikela nangokuphundlwa kwemfuyo yesizwe sakwaNgobese iphundlwa uyena uMashiqela. Wayibekela iNgonyama uDinuzulu nokuthi wathi uma ebuza uMashiqela ebuzwa uMehlokazulu kaZulu ukuthi kungani eqola izwe lakwaZulu waphendula ngokuthi wayethunywe ngamadoda amhlophe akubo ayezinze eMalizibheki .  Ngowe 1906 kwagcina kusuke impi enkulu eyaziwa ngokuthi yiMpi yaMakhanda eyaholwa iNkosi uBhambatha kaMancinza .Nakuleyompi uMehlokazulu walwa ngobuqhawe kodwa wagcina esale kwenye ingxenye yaleyompi eyaziwa ngokuthi yiMpi yaseMome ngawo owe 1906 . Ngemuva kokukhothama kweNkosi uMehlokazulu kwabusa indodana yakhe iNkosi uGudlumkhonto eyalandelwa iNkosi uMdonswa eyazala iNkosi uThathezakhe
#Khumu
Kulobe uKholo Khumalo iNxazonke
Cellphone- 084 098 4016
Email khumalobonga.m@gmail.com
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo