Mgilija
Ndaleni
Masomane
Nyanganduna
Mabhengu
Mncwango lo omhlophe netinyawo takhe
Mahluzululu
Nguboyengwe neyengonyama
Futha bafule
Mbambozenyathi
Mkhetheka
Hlinza ithole kusal’ ithole
Nxuba
Nomakhal’endlovu
Mdub’ogawuluhlume
S’dununu sensingizi
Sidlangeni
Ntshulana
Vethe
Tshalata.
Nhleko
Izithakazelo zakwa Nhleko zimi kanje; Nyanganduna, Masomane Mncwangu lo omhlophe neti nyawo takhe, ngubo yengwe neyengonyama, Mbambo zenyathi.
UNhleko usuka enkabeni yeAfrika nezinye izizwe zabambo (Dlamini, Hlubi, Mpondo Xesible nezinye). Inkosi uSomhlolo (uSobhuza 1) ubafice e Hlathikhulu ngeminyaka yoo 1815.Kulapho sithola ukuthi uNhleko waye namadodana amathathu u Mgilija, uNgubelanga no Mlotha.
Umgilija uqhubeke nokusebenzisa izithakazelo zika Nhleko futhi wagcina engene ngaphansi kwesizwe SikaSomhlolo nabakwaMaseko ukwenza isizwe samaSwazi.
UNgubelanga yena ugcine engena ngaphansi kwesizwe samaZulu kodwa wahamba wazo wayoma e ndaweni yase Harding. Ngaphansi kozalo lwakhe abanye baqhubeke bazibiza ngoNhleko abanye bazibiza ngaye. Lokho kugcine kwenza kushintshe izithakazelo kwasebenza indlela awayeziboongela nyayo. Zona zimi kanje Mkhetheka, Nomakhal’endlovu, Sihlinzathole kusale ithole, Mdubu ogawul’uhlume. Kulapho khona kube namadodana afana no Vethe, Ntshulana, Ndzekeni, Tshalata Ndaleni.
Mlotha yena wahamba wayohlala endaweni manje ekuyi Piet Ritief, kodwa isizukulwan sakhe siqhubeke sabiza uNhleko.