Ndaba Bhadela

Laba bantu bakwaNdaba Bhadela batholakala kwaXhosa . Indabuko yabo ikubantu baseMantungweni oMabaso noKhumalo. Laba bantu bakwaNdaba Bhadela abahlobene nabakwaNdaba abatholakala KwaZulu. Eqinisweni isibongo sakwaNdaba sihlukene kaningana , kukhona oNdaba abangoMthiyane , kukhona oNdaba Ligode , kukhona oNdaba Mwelase bese kuba uNdaba Bhadela waseMantungweni . Zonke lezibongo azihlobene nhlobo, futhi nezithakazelo zazo azifani.

ONdaba Bhadela bona bathakazela kanje
Ndaba
Tshibase
Bhadela
Mntungwa 
Nonunu
Nomangcangca
Nogubel’egoduka
Nzipho zimnyama kukuqhwaya
Nkuluka
Dzujana
Choboka nje ngoMkhoma woThukela
Nyawo zimhlophe noxa zinodaka
Ntombezintle nabayeni bazo
Bharuza
Manyuza
Njujane
Nothuli
Nomangcangca
Mvelase
Magutywa
Mgubo odliwa ngabahambi bendlela
Mntungwa ka Mbulazi ka Ndaba
Nina enithi nidla nibe niyenga umuntu ngendaba
Nompundwana zincinane yanga zingongiwa linunu entle engadli mntu
Khand’iyeza etyeni
Ngabaphakela umyeni esithebeni kuba besonga amazimba
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo