Ndinisa
Mafukela
Mzomba
Msibekeli
Wena owasibekela inkosi ngothuli
Amazomba ayakhethana maseyebandla
Kwasukama uDludlu kwahlala uNkalakatha
Intuthwane encane ngokubhala amadoda
IBheje elibovu lakoThuliswayo
Mlaba
Mbhobho ka Bikwayo
Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo
Ndlela zinomswani njengezendlovu
Nina eningawudli uNogwaja
Mageza ngobisi abanye begeza ngodaka
Mtima
Thuliswayo
Ngwane
Bhej’elibomvu
Ngiyabingelela
…ngicela ulwazi ngoNgcongo nje yingoba nginyakaziswe yilesibongo sakwaNdinisa, phela esinye sezithakazelo zakaNgcongo uDzinisa. Kodwa-ke ngiyabona la kuNdinisa ukuthi kuqhelelene kakhulu naboNgcongo.
Ngiyabonga.
NGCONGO
Awukakabikho okwamanje Ngane yakwethu kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuba siwuthole
Angbingelele Mnuz Khumalo
Ngokukhulu ukuzithoba Mntungwa ngicela ungsize ngomlando wabantu bakaNgcongo, amaPhambuka. Kunamahlebezi okuthi bekunokusondelena phakathi kwabo nabakwaMkhize kepha-ke angiwutholi umnyombo walokho
Ngiyabonga
Phambuka Ngcongo
Awukakabikho Ngane yakwethu sicela usibekezelele nje uma siwithola sizowushicilela nomakanjani wena WeSilo