Mtshali

Izithakazelo nomlando wakwaMtshali:

Ngesikhathi iSilo uShaka sihlanganisa izizwe isizwe sakwaMtshali sasibuswa inkosi uKhondlo. Isizwe sakwaMtshali sasakhe endaweni yaseNtabankulu. Esizweni sakwaMtshali kwabuye kwahlephuka esinye futhi isizwe nokuyisizwe esesisikhulu manje, leso sizwe ngesakwaJiyane
Isibongo sakwaMtshali saqambeka ngoMtshali kaMabhedla insizwa eyafuzwa yigama layo ngoba kuthiwa le nsizwa yayinekhono lokutshala. UMtshali nguye owazala inkosi uKhondlo. Isizwe sakwaMtshali sahlaseleka ngenkathi iLembe lihlanganisa izizwe kangangokuthi nenkosi uKhondlo yakhothama ibulawa impi yeLembe  . Ngemuva kwalolo hlaselo abantu bakwaMtshali bahlaazeka ,kwathi labo abasala eNtabankulu basala bebuswa uMakhathini Jiyane owazala imbongi enkulu uMagolwana Jiyane. Inkosi uKhondlo yazala uHlangabeza naye owafa ebulawa impi yeLembe. Enye yamamadodana enkosi uKhondlo kwakunguHlabangane owazala amaqhawe kaMthwakazi oLotshe noMbambelele. UMthwakazi isizwe esabunjwa iSilo uMzilikazi Khumalo. Leso sizwe sitholakala lapho seyiBulawayo khona namuhla,eZimbabwe. Lezi zinsizwa oLotshe noMbambelele zalwa ngobuqhawe obukhulu ngenkathi iLembe lixabane neNkanyamba (iSilo uMzilikazi). Zalwa ngasohlangothini lweNkanyamba eyabe ingakabi iSilo ngaleso sikhathi. Kwakukhona ubuhlobo phakathi kwaMantshali nabakwaKhumalo ngoba inkosi uMashobana uyise weSilo uMzilikazi yayizalwa isithole sakhona eMantshalini.  OLotshe noMbambelele bazilwa zonke izimpi zeSilo uMzilikazi . Babekhona naseVegkop kanye naseMosega ngenkathi  iSilo uMzilikazi silwa namabhunu kaHendrick Potigitier ngowe 1836 kuya kowe 1837 . ULotshe wagcina ebuthe ibutho lakhe elaziwa ngokuthi ibutho leNduba. Kanti uMbambelele yena wabutha ibutho laMahlokohloko . Ibutho laMahlokohloko lalibaluleke kakhulu noba lalimbandakanya aBantwana beSilo uMzilikazi esingabala kubo oQalingana, Hlangabeza, Nkulumana kanye noLobhengula owalandela iSilo uMzilikazi esihlalweni sobukhosi wakha umuzi wakhe wakwaBulawayo nosekuyidlobha manje. NguMbambelele Mtshali owabutha aBantwana beSilo uMzilikazi,ebabuthela ebuthweni laMahlokohloko. Kusuke kushiwo lona leli butho ezibongweni zeSilo uMzilikazi uma kuthiwa ‘UNkomo zaNtungwa zaklaba emfundeni yaMahlokohloko kuMbambelele,zakhethelwa zinyathi kwaSoshangana,zayishaya phansi imbedula emagudu’..

Kwathi ngesikhathi seSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula uLotshe waba yisethenjwa esikhulu sombuso kaMthwakazi . Uyakhumbulela umfoka uMtshali ngenkathi ehola ithimba elaphikelela kuKhwini Vitholi kwelamaNgisi ngenkulu impumelelo . Lelo thimba lalithunywe iSilo uLobhengula kuKhwini Vitholi ukuba liyokwakha ubuhlobo phakathi kukaMthwakazi namaNgisi.  Kuthiwa indlovukazi yamaNgisi yamthanda kakhulu umfoka Mtshali  kangangokuthi yaze yamnika nezipho eziningi. Kulezo zipho singabala kuzo amasudu,othayi,izichathulo nokunye. Kulezo zipho kwakukhona nesibuko nokuyinto eyayiziwa kwaMthwakazi. Singasho nje ukuthi umuntu wokuqala owafaka  isudu kwaMthwakazi uLotshe umfoka Mtshali. Kuthiwa isibuko sona yayisithande kakhulu into kaMtshali,ihlezi isiphethe nje ,izibuka ngaso . Kwase kuba khona abanyundela uLotshe eSilweni uLobhengula,bayoqamba amanga bathi kuso uLotshe useyathakatha,usephatha umphezulu ngezandla. Besho isibuku esingenacala ayeze naso phesheya kuKhwini. Ngeshwa-ke iSilo uLobhengula sakhipha umyalelo owawuthi akubulawe uLotshe. Ngempela wabulawa ebulawelwa isibuko ayesiphiwe uKhwini wamaNgisi. Amanye amaqhawe aseMantshalini esizweni sikaMthwakazi oMbhulungwana Mashazi nendodana yakhe uMfangilele. UMbhulungwana wabe eyunduna yomuzi waseNdinaneni nokwathi ngemuva kokushoana kwakhe kwathatha uMfangilele ,waba induna yaseNdinaneni. ENdinaneni manje kubusa inkosi uJoji Mashazi engumzukulu kaMbhulungwana Mashazi . Indawo yaseNdinaneni isesifundazweni saseZishabana ,khona eZimbabwe.

Ukwelamana kwaMantshali

UMabhedla wazala uMtshali,uMlambo noMandeka

UMtshali wazala uKhondlo owazala uHlangabeza,uHlabangane,uMagalela nabanye

UMagalela wazala uMantshinga owazala uNsele owazala uMduna owazala uShishi

UMandeku wazala uShangu owazala uVezi owazala uMdineka owazala uNhlabathi

UHlabangane wazala uLotshe noMbambelele

Abantu bakwaMtshali abaseZimbabwe manje bazibiza ngokuthi bangabakwaHlabangane

Izithakazelo zakwaMtshali

Mtshali
Hlabangane elimhlophe okwezihlabathi zolwandle
Mantshinga angacoshi
Kucoshe abafokazane
Mahlaba ahlikize
Khondlo
Gebisa
Mlambo
Magalela agase njengeNgonyama

#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

084 098 4016

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo