Qwabe

Izithakazelo nomlando  wakwaQwabe


Abantu bakwaQwabe bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Sizokhumbula ukuthi abaNguni bahlukaniswe izigaba ezinhlanu,kukhona abaNtungwa Nguni, abaNguni baseMbo, aMalala Nguni (ababuye babizwe ngabaNhlenga Nguni), abaDebe Nguni ,bese kuba khona nabaThonga Nguni. Isibongo sakwaQwabe sona-ke siwela kubaNtungwa Nguni ,lokho akusho ukuthi abantu bakwaQwabe bahlobene nabeNtungwa bakwaMabaso noma bakwaKhumalo. Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaQwabe nguye u-Qwabe uqobo ,owabe eyindodana endala yenkosi u-Malandela kaLuzumana . Inkosi u-Malandela yona siyithola yakhe ngaphesheya komfula uMhlathuze ,egqumeni elaziwa ngokuthi kuseMandawe. U-Qwabe wayezalwa endlunkulu yenkosi u-Malandela , elanywa nguZulu ,bezalwa iNdlovukazi u-Nozinja Ncwane . U-Qwabe noZulu bakhulela esigodlweni senkosi u-Malandela esasaziwa ngokuthi kukwaNkomonye,esinye isigodlo senkosi u-Malandela sasibizwa ngokuthi kusoDwini. Amanye amadodana enkosi u-Malandela kwakungo Ngema, Zethembe, Zingelwayo, Mcineka, Khanyile, Mchunu, nabanye. Inkosi u-Malandela yakhothama besebancane kakhulu oQwabe noZulu, kanti futhi yakhothama ingayikhombanga indodana eyayizobusa ngemuva kokukhothama kwayo,kodwa bonke abantu babelindele ukuthi kwakuyoba nguQwabe ngoba nguyena owabe eyinkosana yenkosi u-Malandela. Naye imbala wayelindele lokho. Ekukhothameni kwenkosi u-Malandela kwasala kwaba nengxabano phakathi kukaQwabe noZulu. Imbangela yengxabano kwakuyizinkomo zekhethelo ezaziwa ngokuthi ‘uhlobo lukaNyonikayiphumuli’ . Lezo zinkomo kwabe kungezikanina wabo u-Nozinja ,kungezona ezenkosi u-Malandela. U’Nyonikayiphumuli’ uhlobo lwenkomo emhlophe qwa umzimba wonke,engenalo nelilodwa ibala. Lubuye lubizwe ngokuthi ‘Amalanda’. Lolo hlobo lwezinkomo luyaziswa kakhulu kwaZulu. U-Qwabe wayengeyona intandokazi kanina ngoba kuthiwa wayengayenzi imisebenzi yasekhaya ,kuthiwa wayezikhonzele ukuzingela.

Indlovukazi u-Nozinja yasikela u-Zulu uphawu kuzo zonke izinkomo zayo kanye nezimbuzi . Lokhu kwamthukuthelisa kakhulu u-Qwabe kangangokuthi waze waduba ikhaya ,waphuma nabalandeli bakhe  wabhekisa amabombo ngasolwandle wayokwakha ngasezintabeni zoNgoye ,waziqalela obakhe ubukhosi. Wafika kuleyo ndawo wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseMthandeni ,ebhinqa abakubo ethi kabamthandanga ,ngakho-ke wayesethi kwafikela kubo kabamthande . Ukuduba kwakhe ikhaya kwanika umnawakhe u-Zulu ukuba asombuluke ,abheke abantu bakayise u-Malandela. Sakheka kanjalo-ke isibongo sakwaQwabe kanye nesakwaZulu.  Esingakusho wukuthi emadodaneni amabili enkosi u-Malandela kwagcina kudaleke izibongo ezimbili ezinkulu kakhulu,esakwaQwabe nesakwaZulu.
Wonke amakhosi akwaQwabe imizi ayibiza ngokuthi kuseMthandeni kuze kube namuhla. U-Qwabe wazala u- Sidinane , u-Mayezi, u- Gcabashe, u- Sishi,u-Njapha nabanye.
INkosi u-Phakathwayo kaKhondlo
Ngesikhathi iSilo u-Shaka sihlanganisa izizwe ukuba zibe isizwe esisodwa esinamandla, bantu bakwaQwabe babebuswa inkosi u-Phakathwayo kaKhondlo .Okunye esingakuphawula ngabakwaQwabe wukuthi i-Ndlovukazi u-Nandi ezala iLembe(iSilo u-Shaka) yayizalwa isithole saseMthandeni u-Mfunda Qwabe.Ngakho-ke i-Lembe labe liyisihlobo esikhulu eMthandeni . Unina wenkosi u-Phakathwayo kwakunguZunguse isithole saseMangadini. Kuyacaca ukuthi ngesikhathi senkosi u-Khondlo isizwe sakwaQwabe sasesiqalile ukuganiselana nabaseMangadini. Phela abaseMangadini bangabesende lika Ngema owabe engenye yamadodana kaMalandela,engumnawakhe kaQwabe,kodwa kwenye indlu.  Inkosi u-Khondlo yena yayizalwa inkosi u-Mncinci ka Lufutha .  Inkosi u-Phakathwayo nayo yabusela emuzini waseMthandeni kaKhokho wayo u-Qwabe  ,kodwa yabuye yakha neminye imizi ,owaseMasundwaneni nowaseMpindelweni . Ngaleso sikhathi isizwe sakwaQwabe sasesikhulu ngendlela emangazayo, futhi sisikhulu kunesakwaZulu esasibuswa yiLembe,nalo elalisanda kuthatha ubukhosi kuyise uMjokwane kaNdaba (iNkosi u-Senzangakhona) . ILembe lalikade lisuka kwaMthethwa lapho lakhulela khona .
Kwathi ngenkathi iLembe lihlela impi yalo eyayizolwa nenkosi u-Zwide kaLanga yabakwaNdwandwe ,lathumela izithunywa eMthandeni enkosini u-Phakathwayo ukuba ziyolicelela amabutho ayezolekelela uZulu empini yakhe nabakwaNdwandwe. Inkosi u-Phakathwayo yanqaba nabamabutho, yazichitha izithunywa zeLembe zabuyela kwaZulu zingaphethe lutho. Kanti isizidonsele amanzi ngomsebe inkosi yaMaQwabe.  Lathukuthela lathelwa ngamanzi iLembe , laphaka impi eyaphikelela eMthandeni ,yayohlasela abakwaQwabe. Ize impi yeLembe yayincane ngesibalo kodwa yakwazi ukudla umhlanganiso, yagoba uphondo eyaseMthandeni. Kuthiwa inkosi u-Phakathwayo yathi uma izwa ukuthi impi yayo yayinqotshiwe ,yawa ,yamelwa inhliziyo yakhothama . Yakhothamela emuzini wayo waseMpindelweni.
Inkosi u-Phakathwayo yayibongwa ngokuthi
‘ InguSondaba woMthanda!
 USodlabehlezi wakoMkhweyeya,obizwe kwaBhekisa wavuma. Amakhosi ebizwe iminyakanyaka’!
Kwathi ngowe 1906 ngesikhathi sempi yaMakhanda isizwe sakwaQwabe sazimbandakanya nabashokobezi . Ngaleso sikhathi sasesizinze eMthandeni kwaMaphumulo, sesiholwa inkosi u-Meseni Gumede,ezihasho zayo zithi ‘ISinyakanyaka insimu abayivune ngezinduku,ngingakaze ngiyibone insimu ivunwa ngezinduku! UMame ubhince kanjani ngoba ubhince watebhisa’.
Ngesikhathi sempi yaMakhanda isimo saba sibi kakhulu kwaZulu jikelele,ikhakulukazi kwaMaphumulo ezindaweni lapho  kwakubusa khona uMntwana u-Ndlovu kaThimuni kanye nalapho kwakubusa khona inkosi u-Meseni kaMusi . Inkosi u-Meseni noMntwana u-Ndlovu bagcina bezinikele ku -Sir Charles Saunders owabe enguKhomishane omkhulu ngaleso sikhathi . Inkosi u-Meseni yadingiselwa eSt Helena ngawo unyaka ka 1906 ,yabadla khona yaze yadedelwa ngowe 1909 . Ekudedelweni kwayo kwaba nemibandela eyayiyithi yayizophinde idingiselwe kwelaseXobho,ingavunyelwa ukuya esizweni sayo , eMthandeni ,kwaMaphumulo. Ngempela yabuye yadingiselwa khona eXobho nokuyilapho yakhothamela khona ngowe 1915 .
Ngemuva kokukhothama kwayo ubukhosi baseMthandeni bathathwa inkosana yenkosi uMeseni , oMtshingwa ,  owalandelwa inkosana yakhe uSiziba kaMtshingwa kaMeseni kaMusi kaGodolozi kaKhondlo.
Ake siwelamanise aMaQwabe Amahle
-Inkosi u-Malandela yazala u-Qwabe ,u-Zulu, u-Zethembe, u-Zingelwayo, u-Ngema ,u-Khanyile ,u-Mchunu, u-Mcineka, nabanye
-U-Qwabe wazala u-Sidinane,u-Mayezi, u-Gcabashe,u-Njapha,u-Sishi nabanye.
-U-Sidinane wazala u-Khuzwayo nabanye
-U-Khuzwayo wazala u-Simamane (ozihasho zakhe zithi ‘unguSimamane seNgwe neNgonyama’ . Amanye amadoda kaKhuzwayo ngoDweba, u-Dlamuka, u-Ndingi, u-Poyi, u-Mngwabeni ,u-Donda nabanye.
-U-Simamane wazala u-Lufutha owazala u-Mncinci owazala u-Khondlo noSophane.
– U-Khondlo wazala u-Phakathwayo ,u-Nomo, u-Nqetho, u-Vubukulwana, u-Godolozi, u-Godide nabanye.
-U-Godide wazala u-Mamfongonyana owazala u-Zidumo, owazala u-Sigotshana
Sithola ukuthi ngemuva kokukhothama kwenkosi u-Phakathwayo ubukhosi bawela kumnawayo u-Godolozi kaKhondlo eyagxila kakhulu ekusebenziseni uGumede njengesinongo. U-Gumede igama likakhokho wabakwaQwabe owayephila ngaphambi kwenkosi u-Malandela. Yena-ke u-Godolozi wazala inkosi u-Musi ,inkosi u-Musi yazala inkosi u-Meseni , inkosi u-Meseni yazala inkosi u-Mtshingwa, yona -ke yazala inkosi  u-Magwaza owazala inkosi u-Makhosini ebusa manje. .
Izibongo ezihlobene nesakwaQwabe.
-Sibiya
-Gazu
-Khathi
-Khomo
-Ngema
-Ntombela
-Dlamuka
-Sabela
-Chiya
-Nene
Nezinye
Izithakazelo zakwaQwabe
Gumede
Sidinane
Nina bakaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda
Nina baseMthandeni
Osidlabehlezi kaPhathwayo
Phakathwayo kaKhondlo
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula izicathalala zathi
UNgoye Gumede! UNgoye Phakathwayo!
Nina bakaMeseni kaMusi
Nina bakaGodolozi kaKhondlo
Nina bakaMkhayiphi kaGodolozi
#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo