Nxele/Msweli

Indabuko yesibongo sakwaNxele ,Seme, Msweli.
Kulooba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo:
Ziningi izinkulumo ngokudabuka kwesibongo sakwaNxele, noma ubani ukhuluma okuvuna yena nokuhambisana naye. Lana ngizosebenzisa umlando obhalwe phansi othi abantu bakwaNxele badabuka kwaMthethwa, nofakazelwa zigameko  zokhokho balesibongo  bewa bevuka nabantu bakwaMthethwa kusukela besazinze eningizimu ye-Dalagubha (Delagoa Bay), emaThongeni basuka lapho behla bayozinza kulendawo esidume ngegama iMpangeni namhlanje, nokuyilapho kuvele khona isibongo sakwaNxele. , baphinda babamba iqhaza ekukhuliseni isizwe sabaThethwa kusuka eNkosini uMadango kuyaDingiswayo bezazisana njengabantu bandawonye.
Isibongo sakwaNxele sidala kakhulu kulelizwe lengabade, saqambeka ngegama likakhulukhulwana wabo uNxele owaye ngowakwaMthethwa, owaphelela eNingizimu yeDalagubha (Delagoa Bay) e-Kosi Bay lapho isizwe sabaThethwa sivela khona, namakhosi akhona amadala alele khona. Ngesikhathi besuka kwelamaThonga sasingekho isibongo sakwaNxele.
Abantu besibongo sakwaNxele bethiwa ngegama likayise noma elikamkhulu wabo uNxele owabe seyidlozi kubo ngaleso sikhathi emva kokuba iNkosi yabaThethwa uMadango kaXaba iyalele udadewabo kaMsweli ukuba akagane inkosana yakhe uKhayi. Abanye bathi kwakuyi ndodakazi kaMsweli. Ngenkathi kwenzeka lesigameko inkosana yendlu kaNxele kwakuMendu kaDlokwakhe kaNxele kaKhubazi kaMthethwa kaNyambose. Lesigameko sokuganiselana  kwabaThethwa bodwa senzeka phakathi kweminyaka ka 1715  kuya ku 1725.
Asibaphathanga kahle isenzo senkosi yabaThethwa bathutha kwesa kwaMthethwa bawela iMfolozi emhlophe bayozinza phakathi kweNyalazi neChweba laseNhlengeni (St. Lucia). Sebekuyo leyandawo kube sekuvela ingxabano phakathi kwamadodana / abazukulu bakaNxele, uMendu omdala noMsweli omncane. AbakwaNxele babe sebehlukana phakathi kwakhona iqoqo likaMendu eladuma ngokuthi oSeme / abakwaSeme ngoba bazingela izinyoni ezazitholakala eduze noLwandle iziseme. Iqembu lesibili elikaMsweli, eladuma ngokuthi abakwaMsweli, abazetha ngaye uqobo. Lomlando ufakazelwa isithakazelo esikhulu sakwaNxele esithi “Amazalankosi azala uJobe” esichaza ukuthi lenkosazana eyagana kwaMthethwa yazala inkosi uJobe obuse emva kuka yise uKhayi kaMadango kaXaba.
AbakwaSeme
UMendu inkosi yokuqala yabantu bakwaNxele, ebahole kusuka eMpangeni endaweni ephakathi kweDondotha naseMakhwezini. Kunezintaba ezaziwa ngaye okuthiwa ikwaMendu kuleyandawo nomuzi omkhulu wabantu benzalo kaNxele ubukuyo lendawo, igama lalo muzi kwakuthiwa kusePhazini. UMendu uphinde  abe yindabula sibongo sakwaSeme, esivele ngokuthi yena nabantu bakhe bazingele izinyoni iziseme, ngaleso senzo saba kwevela isithakazelo esithi “oNxele abakhipha iziseme eduze noLwandle”. UMendu, wazala uDovuyana yena wazela uNdaba, yena azale uSotiti noMlondo. USotiti wazala uMlotshwa. UMlondo wazala uMgomondo, Nceni, Gxaba noBhaduyana.
Inkosi uNdaba ibihamba ezinyathelweni zoyisemkhulu zokuba unqondonqondo ekuzingeleni izinyoni iziseme. Ngesikhathi abantu bakwaSeme bebuswa uNdaba kube sekufika abantu bakwaNdlovu abadume ngokuthi abakwaThethwayo bezokhonza kwaSeme, baze bathekazelwa kwathiwa “nina enawela ngelizamazamayo elalingaweli muntu elaliwela inkosi yakwaSeme kuphela”. AbakwaSeme bebesebenzisa ibhuloho uma bewela emachibini ezindlovu akuyo leyandayo yase -St. Lucia, belibiza beliteketisa  ngokuthi udondolo, yilona leli elawelwa abakwaNdlovu /Thethwayo. Nabo abakwaSeme babebongwa kuthiwe “nina enawela ngodondolo”.  Abantu bakwaThethwayo bagcine sebeduma ngebizo uNhlozi/ abakwaNhlozi. Inkosi uNdaba yakhothama kubusa iSilo uShaka, ngalezo zikhathi yabe isindala kakhulu. Kuze kubenokhuluma okungaqinisekisiwe okuthi yabulawa iSilo uShaka. Ubukhosi bakwaSeme bafekela kwambozwa obukaMsweli.
Bakhona abakwaSeme abayinzalo kaKhuwuna osegabeni sikaMendu noMsweli. UKhuwana wayezalwa uMqumbeya kaSokoti kaKhubazi kaMthethwa kaNyambose. UKhuwana wazala uNjonjo yena wazala uMbuyazi.  Inzalo kaKhuwana esakhonjwayo ilaba abakwaSeme abayinzalo ka-Isaka kaSinono. Enye inzalo kaKhuwana idume ngoMsweli isibongo namhlanje.
AbakwaMsweli
 UMsweli kaNkabana kaNxele kaKhubazi kaMthethwa kaNyabose, inkosi yesibili yabantu bakwaNxele, ubukhosi ubuthathe ngejozi kumnewabo uMendu, elekelelwa indlunkulu yakwaMthethwa eyayiholwa inkosi uKhayi. UMsweli wazala uZaza, yena wazala uMyambo, yena wazala uMandeku (Njiyanjiya) yena wazala uDlovunga  nabanye. Ngesikhathi kubusa inkosi uMyambo /Mnyambo kube nendlala enkulu lapho baze baziphilisa ngokudoba izinhlanzi izimbazi olwandle baze bathakazelwa kwathiwa “nina enadla izimbazi nathi nidla iyokhu”. Kuthe idlala ibhokile kwafika ingxenye yabaThethwa izompanza (izocela ukudla) waladundula uMyambo wathi naye usedla amahleza wathola izibongo ezithi “unjuqu umalamba aze adle amahleza”. Longxenye yabathethwa eyayazicela ukudla yilena esiyaziwa ngoMpanza namhlanje. UMyambo wazala uMandeku, Ndonga, Mvuyandlu, Sonzipho, Nsibande, Sigadu, Sobosa noSimo nabanye. Emva kuMyambo kwabusa inkosana yakhe uMandeku, lena inkosi eyaba nomlando omkhulu kwaMsweli. Ubuse ngasekuqaleni kweminyaka we (1800). Ubenguhwebi omkhulu ehweba ngamazinyo ezindlovu nezimpondo zobhejana kumaPutukezi. Inkosi ibiganwe undlunkulu umaNdwandwe, ukaKhenke, ukaJoko Makhoba, ukaKhonjwayo Mzimela. Wazala uDlovunga, Ngiyaphela, Mhadu, Maqhogi, Macindezela nabanye. UMandeku wazinikele ngesihle ngaphansi kombuso weNgonyama uDingiswayo kaJobe Mthethwa ize yamnika isikhundla sokuba isikhulu esibheke uhlelo lohweba kwabaThethwa namaPutukezi. Emva kokukhothana kweNgonyama uDingiswayo, isizwe sabaThethwa saphathwa ibamba  uMondiso kaJobe , owagcine ebulewe iLembe. Emva kokubulawa kuka Mondiso, uMenduku ube esengqungquzela indodana kaDingiswayo, uSomveli ukuba ahlale esihlalweni sikayise. Ngakulunye uhlangothi iLembe lakhetha indlu yasekhohlwa lakwaMthethwa ukuba ithathe ubukhosi. Isenzo senkosi uMandeku samdalela amazinyo abushelezi esamubeka encupheni yokufa kanye noSomveli kaDingiswayo. Baziphephisa ngokuthi babaleka balibhekise kwelamaThonga esizweni sakwaTembe ngonyaka we (1824) ehambisana nomholi wabantu bakwaMbokazi uGuluzana kaMenaba kaNdengezana. Bedlula lapho baya kwaSoshangana Mozambique. ILembe lathumela ibutho uDlangezwa ukuba liyohlasela lafica sebedlulele phambili, lamjezisa ngokuthi lithathe izinkomo zakhe. UMandeku wakhothamela e-Mozambique. Inkosi uMandeku ubebongwa kuthiwa “indlov’emnyama unjiyanjiya wohlanga”. Emva kukaMandeku kwabusa inkosana yakhe uDlovunga, ngesikhathi kubusa uDlovunga isizwe sakwaMsweli sahlaselwa umkhuhlane ingxibongo kwabhujwa kwaze kwakhothama nayo inkosi uDlovunga lesigameko senzeka phakathi kweminya we(1860-1870). Emva kukaDlovunga kubuse uMakhakhathana . Inkosi uMakhakhathana yayizalwa uNdonga kaMyambo. Iyona nkosi yokugcina lena kwaMsweli. UMakhakhathana waganwa amakhosikazi ayisithupha wazala iqwaba yezingane, inkosana yakhe uMzondi. Kunezakhiwo zokuhweba eSt. Lucia eziqajwe ngegama lakhe. Amagama emizi yakhe ikwaQedizwe, kwaCinguthi, nakwaDumangeze eManxengeni.
Amaqhawe ebengaconsi phansi kwiziNgonyama zakwaZulu.
UNonkobo Seme, owayebuthwe ebuthweni leNgonyama uDingiswayo isifazane, ngaphansi kombuso weLembe lafakwa kuzimpohlo. Ubewumqaphi weSilo uShaka, aphinde abe isihlabani salo ezimpini. Wayehlabana aze bongwe kuthiwa “udidiz’ulwandle”. UNonkobo wazala uNobunda nabanye.
USinono kaMbuyazi  Seme iqhawe leSilo uShaka noDingane, wasala enkundleni yempi yaseNcome ngonyaka we(1838). Wazala u-Isaka uyise ka-Dr Pixley Seme.
UDangazela kaMvuyandlu iqhawe leSilo uShaka noDingane wayebuthe ebuthweni izimpohlo. ISilo uDingane samnika isikhundla sokuba abe induna yendawo yaseMbelebeni kwaNongoma ngasemfuleni iVuna, abheke isigodlo ukuWaza. Ungomunye wamaqhawe alwa ngasohlangothini lukaMntwana Mpande empini yaseMaqonqo ngo we-(1840). UDangazela wazala uMaduna (imbube ibutho) nabanye. Igama lomuzi wakhe kwaku kwaMahambaze eKuvukeni kwaMandlakazi.
UTshevu kaSiphushana owayebuthwe ebuthweni akwaMthethwa, ngaphansi kweLembe wafakwa ngaphansi kwebutho izimpohlo. Kwaku yisihlabani seLembe esahlabana sagwaza amaNdwandwe sase sathola izibongo ezithi “inqe elizwe ngosi ukuthi ziyadla iziNtenjani” . Izintenjani ingxenye yebuthu izimpohlo okuyizona ezagadla kuqala empini kaNdwandwe. Wayephinde abe induna yamazinga aphansi eSilo uShaka. ISilo uShaka samthuma ukuba akayohlasela  uMzilikazi e-Standarton. Nakhona lana wathola izibongo ezithi “umaqhetha owaqhetha kwelikaMzilikazi” lezibongo wazithola ngesenzo sakhe sokufika alele emadlangaleni amaNtungwa. Kunesigodi sikaTshevu okuthiwa kuseNgendlaneni eMpangisweni Vryhied. UTshevu wazala uMjindi (ukhandampevu ibutho) nabanye.
UBhungane kaSiphushana kaZaza owabuthwe ebuthweni leNgonyama uDingiswayo, ngaphansi kweLembe bafakwa ngaphansi kwamaWombe. UBhungane wayeyinceku yeSilo uDingane. UBhungane wazala uNongamulana (indabakawombe ibutho) nabanye.
UNgiyqphela kaMandeku iqhawe elikhulu leSilo uShaka, kuthe ngesikhathi iSilo uDingane sibulala zonke izithenjwa zeLembe asimshiyanga naye samusa kwagoqanyawo kanye nenkosi uNzwakele Dube.
UMhadu kaMandeku owayebuthwe ebuthweni uMgumanqa /uKhangalela. Kwaku yisihlabani seSilo uDingane wahlabana ezimpini eziningi zeziNgonyama zakwaZulu, eziqavile eyaseNcome (1838) waze wathola izibongo ezithi “unkanizamabhunu zaphela, unqola zimi kanye namakalishi azo ekhona eNcome”. Waphinda wahlabana empini yasoBuya eMkhondo ngo (1839). uZulu ubhekene namaSwazi, lapho wajuqa induna yebutho lamaSwazi abaLondolozi, nakhona lana wathola izibongo ezithi “ushunguza amashungu isiguqa esadla esinye ngoba sadla esabaLondolozi kwabaseSwazini”. Ngesikhathi kugqashuka igoda phakathi koMntwana uMpande neSilo uDingane ngonyaka we (1839) uMhadu wabaleka kanye noMntwana uMpande waya esilungwini (Natal). Kuthe esezinze esilungwini uphinde wacelwa iSilo uCetshwayo ukuba akamsize ekulungiseleleni impi yaseSandlwana, ngonyaka we-(1878) washiya indawo yakhe kwaMaphumulo wayozinza eNgudwini eShowe endaweni kaMathunjana Nkwanyana. “Injinga beyibuza bethi iphi indlwana yephisi bathi isezibukweni oThukela, ibuzwe amakhosi oNdini yabuzwa abamhlophe esilungwini”. Amagama emizi yakhe kwakuthiwa kuseNjingeni nakwaPhikangonyawo. UMhadu wazala uDumaza (uDloko ibutho) inkosana yakhe nabanye.
Imithombo yolwazi
Incwadi esihloko sithi ” The Olden Times in Zululand and Natal” eyalotshwa nguA. T Bryant .
Incwadi esihloko sithi ” Archives umqulu wokuqala”  eyalotshwa nguJames Stuart.

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ”Kholo Khumalo TV

ÚMnu uAyanda Msweli woKhozi FM

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo