Izithakazelo zakwaMkhonza

Izithakazelo zakwaMkhonza

Mkhonza,

Mhlungwane,

Dlabathi laseMzimkhulu

Wena oluhlaza njengeNcoshana,

Nibahle nasesekuyoshona ilanga,

Malobisa,

Ntanzi,

Phini kalikhothwa,

Likhothwa ngokubhimbidela,

Mhlungwane lomuhle,

Wena owanyela endleleni yakabonina,

Wena kaMgungudi kaYibaya,

Wena kaZalukazana ezimbili,

Esinye sizishaya iNkehlana,

Esinyesizishaya iQhikiza,

Mkhonza,

Awuqeqwa Dalabathi laseMzimkhulu 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo