Umlando ngoNathaniel Isaacs (uDambuza Mthabathe)
Umlando ngoNathaniel Isaacs (uDambuza Mthabathe)
Nina beSilo esithombeni uNathaniel Isaacs uMlungu owazalelwa eNgilandi ezalwa ngabazali bokufika abangamaJuda(Jewish immigrants).Wazalwa ngo 1808,washona ngowe 1872.UNathaniel washiywa uYise esemncane kwaphoqeleka ukuba ehle eze kuleli le Ngabade ngowe 1822.Kuthiwa wafikela kuMalume wakhe uSaul Solomon Junior owayekanise eSt Helena Bay .Ngo1825 uNathaniel wavakashela oFebana noMkhingi lapho sekuseThekwini khona namuhla.UFebana noMkhingi ngisho oFG Farewell noJS King abaholi bedlanzana lamaNgisi elatheleka kwaZulu ngo1824 .Leli dlanzana lamaNgisi lagcina lithole iziza zokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla lizithola eSilweni uShaka.Ngo1825 uNathaniel wavakashela uFebana owabe enguMngane kaMalume wakhe .UFebana wagcina ethule uNathaniel eSilweni uShaka.Kuthiwa iLembe lamthanda kakhulu uNathaniel kangangokuthi lalize limfundise ngemininingwane yezezimpi,ukuthi kuliwa kanjani ngeKlwa ( Zulu short-stabbing spear) ,Kwathi ngenkathi iLembe liphaka impi eyayiyohlasela uSikhunyana ka Zwide Ndwandwe lamphaka naye uNathaniel waphatha iKlwa neSihlangu sakhe waphuma neMpi yeLembe.Leyompi yaziwa ngokuthi iyiMpi yaseZindolwaneni ,yaholwa yilona iLembe uqobo lilekelelwa nguNdunankulu uMdlaka ka Ncidi Ntshangase.Wehlulwa uSikhunyana empini yaseZindololwaneni eyalwa ngo1826.Kuthiwa iLembe lahlebeka umxhwele ngendlela uNathaniel ayelwa ngayo laze lamqamba nezibongo ezithi “unguDambuza Mthabathe”.UDambuza Mthabathe wagwazeka ethangeni eMpini yaseZindololwaneni,kodwa kuthiwa kwakuyinxeba elalingatheni.Kwathi ngowe 1831 sekubusa iSilo uDingane uDambuza Mthabathe wabaleka kwaZulu ngoba wayesezwe kuthiwa iSilo uDingane sasihlela ukuhlasela idlanzana lamaNgisi elaliseThekwini.Waphikelela eSeira Leone lapho afika aba uSomabhizinisi khona.Wagcina ebuyele kwelakubo eNgilandi lapho agcina eshonele khona ngo1872 .
Khumu
