Umlando ngeNdlovukazi uMthaniya ka Manyelela wakwaSibiya

Sikhandwe ngoBuchwepheshe Mbumbulu.

Umlando ngeNdlovukazi uMthaniya ka Manyelela wakwaSibiya

Enhla nasezansi siyakhuleka kwabeSilo,ake sixoxe kancane nje ngoNdlovukazi uMthaniya Sibiya.Isithombe akusona eseNdlovukazi yakithi bakwethu,sikhandwe ngoBuchwepheshe Mbumbulu,iNdlovukazi uMthaniya ayinawo ngisho umdwebo lo.Lo mlando ucashunwe encwadini ka Baba uRS Khumalo esihloko sithi “UPhoko”.Nina beSilo iNdlovukazi uMthaniya yayigane inkosi uJama ka Ndaba ,yiyona eyazala inkosi uSenzangakhona,okusho ukuthi inguGogo weLembe(iSilo uShaka).Ngokusho kukaBaba uKhumalo encwadini yakhe uthini amawele enkosi uJama aBantwana noMkabayi noMmama yibona abeshelela uyise le ntokazi yakwaSibiya,uMthaniya okwagcina kuhlonishwe ngaye izwe lakwaZulu njengoba kuthiwa “kukwelikaMthaniya”.Kuthiwa lamadodakazi enkosi uJama ayekhathezekile kakhulu ngoba uyise wayesekhule kakhulu,eseluphele,engenayo kodwa inkosana eyayizohlala esihlalweni sobukhosi uma yena esekhotheme kwazise uMntwana uSojiyisa wayengazalwa yisithole sasebukhosini obukhulu.Kuthiwa basuka-ke oMkabayi bayokweshela uMthaniya,bemeshelela uyise uJama.Kuthiwa uMthaniya wayengomunye wezintombi ezazizimisele,engaqomile.elindele ukuba abazali bakhe bamemulise.Kuthiwa oMkabayi bafike balubeka usizi lwabo kuMthaniya,owayethe ukuba mdala kubona,bacela ukuthi azobabheka ,azoba unina,kwazise babengasenaye unina,basebesele noyise yedwa.Kuthiwa oMkabayi ngenkathi bethula udaba lukaMthaniya enkosini uJama kuthiwa ayizange inanaze,yavumela phezulu.Wagcina eganile uMthaniya egana inkosi uJama.Wafike wamumatha,wazibula  ngoMntwana womfana.Kuthiwa kwathi lapho sekufanele ukuthi inkosi uJama  imethe igama yabiza amadodakazi ayo,iwancoma.Yathi “nenze kahle bantabami ngokungilandela umntaka Zingelwayo (ukhokho ka Mthaniya)ukuba azongizalele umuntu engiyothi uma sengiphumule,asale ebheka isizwe sikaBaba.Wayiqamba indodana yakhe  ngokuthi nguSenzakhona,ethi nenze kahle bantabami.Kuthiwa uMthaniya wabuye wazelela inkosi uMawa,indodakazi.Kuyevela emlandweni nina beSilo ukuthi uMthaniya wayelithanda iLembe.Kuyavela futhi ukuthi nguyena owathumela uMntwana uMudli ukuba ayolilanda eLangeni ngenkathi leselincane alilethe kwaZulu.Nokho lagcina lidlulele phambili iLembe likanye nonina iNdlovukazi uNandi,eyaphikelela nalo kwaQwabe,nakhona kwaQwabe abazange bahlale isikhathi eside,bagcina bedlulele kwaMthethwa okuyilapho iLembe lakhulela khona,Uma kuthiwa izwe lakwaZulu elakwaMthaniya kusuke kushiwo yen uMthaniya Sibiya.

Khumu! 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo