Khulu

Moran Samora Khulu.

Umlando ngesibongo sakwaKhulu

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni nguBaba uMoran Samora Khulu oyengumdlali webhola owadlelela neqembu elikhulu iKaizer Chiefs.UBaba uKhulu wayezalwe ngo1958 wedlula emhlabeni mhlaka 6 kuNcwaba 2008.Wayeqhamuka eMadadeni eNyukhasela.Waqala uhambo lwakhe lukaNobhutshuzwayo khona eNyukhasela lapho adlalela khona iNewcastle Steller.Wasuka lapho wayodlalela iAfrican Wanderers eThekwini eyakhiqiza oNomvethe,Sibusiso Zuma noPhumlani Mkhize.Wagcina esethengwe yiqembu elikhulu laseSowethu iKaizer Chiefs.Abantu bakwaKhulu bangaseMantungweni.UKhulu okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyindodana kaMabaso.Ngokusho kukaMadlebe ka Njinjana Khulu engxoxweni yakhe noJames Stuart uthi uKhulu wazala amadodana amaningi kodwa yena ukhumbula uBayeni noNongqwaqa.UNongqwaqa wazala uBhabhadu owazala uNjinjana.UBayeni wazala uManzezulu,uJokozela kanye nabanye.Abantu bakwaKhulu bangaMantungwa phaqa,bathe cithi saka endaweni yaseMngwenya eMhlumayo lapho kubusa khona abantu bakwaMabaso.Abantu bakwaKhulu akufanele baganiselane nabakwaMabaso kanye nabakwaKhumalo.Kuzokhumbuleka phela ukuthi uMabaso noKhumalo ngamadodana kaMntungwa ka Mbulazi.

 

Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo