Izithakazelo zakwaGabela

uMlingidi uGlen Gabela.

Izithakazelo zakwaGabela

Gabela,

Mkhondo,

Mpangazitha,

Mahlasela,

Vezi ka Nonene,

UVezi kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela!

Zikhundl’ezimbili,esokulala nesokuthamela.

Nina bakoNkomo zeza noMungu njengamabele,

Maqombili kakhohlwa zindlela,

Engani abadala zibakhohliwe.

Wena kaSilengela ntabeni engakhe ntabeni!

Ndindane ka Mgabhi,

Wena ka Mafu,

Nsele ka Lingamkhonto,

Awuqedwa Gabela,awuqedwa Nonene! 

Khumu! 

Abantu bakwaGabela bayingxenye yabantu baseMangweni. BayiNdlu ka Ndindane ka Mgabhi ka Mafu waseMangweni. Bakanye nezibongo esingabala kuzo esakwaZwane,esakwaCebekhulu,esakwaNsele,esakwaHudla,esakwaLinda kanye nezinye.

Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo