Incazelo ngoMasheshisa (ISiphuthumane,Phakisang)
Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikadadewabo uSililo.UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni.USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilolomo.UMagalela agase njengenkosi yaMansthali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu.Enhla nasezansi ngiyakhuleka nina beSilo.
UMasheshisa
Nina beSilo le nduku eniyibonayo kuthiwa uMasheshisa igama layo.Ibuye ibizwe ngeSiphuthumane.AbeSuthu bayibiza ngoPhakisang okuhumusheka ngokuthi sheshani.Impande yale nduku yinhle kakhulu kuMabutho athunywa ukuyolanda.Inamandla kakhulu kuleyo ndawo.Yinhle nasekuphakamiseni eminye imithi.isebenza njengePhakama.Ikhuphula amandla eminye imithi,iyenze isheshe.Yinhle impande yale nduku kwezokudonsa.Yinhle nasekugqumeleni inhlanhla,yinhle futhi nasekugezeni.Ayitholakali kalula le nduku,itholakala eGoli eFaradeyi uma kuyisikhathi sokuna kwezulu.Yande kakhulu enyakatho yezwe.
Khumu!
Thola olunye ulwazi ku You Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.
