Incazelo ngoQhume (Hippobromus pauciflorus)
Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kubesengathi ngibuka isihlahla soMdlele.Amanzi omthombo wakithi kwaNobamba engiphuze kuwe ngagangatheka ngaphos’ukudliwa ziMamba.INgqayingqayi kaPhunga noMagaba.Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo.
UQhume (UMfaz’othethayo)
Nina beSilo le nduku esesthombeni ibizwa ngokuthi uQhume noma uMfaz’othethayo.Kuye kusetshenziswe ingxabu kule nduku.Lena induku enhle kakhulu kwezokwakha ukuthandeka.Yinhle le nduku ikhipha igwebu elihle elimhlophe qwa uma uyiphehla ngothi lwePhahla.Amasoka aze alifake nasemakheleni lelo gwebu.IwuBulawu beDlozi kahle-hle le nduku.Le nduku yinhle kuMagobongo,isendeza iDlozi ililethe eduze,ifana noMusa neNingizimu.Yenza umuntu athandwe yiDlozi limuphe izinto.Le nduku iye ishiswe naseMsamo uma ngabe kushiswa iMphepho ukuze iDlozi lisheshe lisondele.Le nduku iyangena nakwezophahlukisa umuntu akhulume zonke izimfihlo zakhe ezimbi ezisesifubeni sakhe.Kuyileso sizathu abanye beyibizwa ngoSiphahluka,kodwa akuwona uSiphahluka lona.Futhi uSiphahluka akulona iPhahla,uSiphahluka uyisigaxa.Le nduku ithandwa ngamaSoka kwazise uthandeka kakhulu umuntu osebenzisa le nduku.Uthandwa izintombi,athandwe izinsizwa athandwe nasemsebenzini akhushulelwe isikhundla.UQhume luthandwa iZangoma noThwasa kwazise kugeza igazi luqede nemihayizo,luqede namaphupho amabi.UQhume luyangena kwezokuphalaza,kwezokugquma kanye nakwezokugeza.
Khumu!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’.
