Incazelo ngeButha 

IButha

Incazelo ngeButha 

Nina abakaNowelamuva wawo Shaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.ISikhukhune sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukeka.ISilo sakithi kwaNodwenu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade ,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Sisaphila thina kwaSokhumalo

IButha 

Nalo-ke iButha nina beSilo.Umsebenzi wale nduku nina beSilo wukudonsa,le nduku yinhle kakhulu eZibungeni zamaBhizinisi.Le nduku nina beSilo ithe ukujula.Kuye kube kuhle kakhulu ukuthi uma uzoyikha uqale ngokuyikhunga ngemali ekhanyayo ukuze phela ikusebenzele kahle, ingakubutheli namashwa.Le Nduku iyatshalwa nasekhaya itshalelwe khona ukudonsa umnotho,nakhona uma uzoyitshala kuye kube kuhle kakhulu ukuba uyikhunge kuqala ngemali ekhanyayo.Le Nduku yinhle kabi kwezokudonsa kanye nezokuthandeka.Iyangena eZibungeni zeBhizinisi njengoba besengishilo.Iyangena kuMabutho alandayo. AmaSoka ayikhonzile le Nduku,ayithaka kwezokuthandeka.Ayithaka kwezokuphalaza ,eziKhafulweni , ayayithaka futhi kwezokugeza kanye nakwezokugquma.Le Nduku iye idinge ukuqashelwa ngoba ayithakwa kakhulu , ineseKali sayo.Wayithaka kakhulu igcina idonsa namashwa,ikakhulukazi uma ingazange ikhungwe ngenkathi ikhiwa.

Khumu!

Niphile nina beSILO .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo