Shongwe

UMculi wezingoma zoKholo,uElias Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe

Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni.Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini,Shabalala ,Kunene,Mavuso nezinye.Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona.Babekade beqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abaNguni.Laba bantu bakwaShongwe bayinzalo yeNgwenyama uMtimande kaKunene kaGabase kaSidwabasiluthuli.Ngakho-ke laba bantu bakwaShongwe bahlobene kakhulu nabakwaKunene futhi basabazisa ubuhlobo babo nanamuhla . Lapho eNgwenyameni uMtimande baphuma kwenye yamadodana ayo uMcusi kaMtimande.Yena-ke uMcusi kaMtimande wazala amadodana amaningi kodwa sizobala amathathu kuphela okuyiwonaayizinsika zezindlu zakwaShongwe.Lawo amadodana uMagude , uTinkuni kanye noNgcaphalala owabe engomncane.Kuthe lapho bekhula uMagude noTinkuni baphuma emzini kaYise wabo ngasentabeni iMbilaneniBasuka lapho bagudla umfula uPhongolo baze bayofika lapho uhlangana khona nolwandle eMabhuda (Maputo).Yingakho nje kunendawo okuthiwa kuseTshongwe lapha kwelaseNgwavuma iqanjwe ngabo abakwaShongwe.Bazebahambe indawo engaka nje yingoba abakwaShongwe bayizinyanga phela behambe bethubeleza emahlanzeni bekhendla imithi.INkosi uTinkuni kwaze kwathiwa uzikhuni nje yingoba wayenomlingo wokungena esizibeni nesikhuni esivuthayo aphind’aphume naso sivutha.UMntanenkosi uNgcamphalala yena wakha endaweni ephakathi kweShiselweni neSiphofaneni.Leyo ndawo yagcina ibizwa ngokuthi kukwaNgcamphalala. Ngokuhamba kwesikhathi -ke izizukulwane zakhe zafuduka zaze zayofika kwelaseMkhondo (Piet Retief) naseNcaka entshonalanga neDumbe lapho zafike zakha khona umuzi wa kwaHlohlingwe phakathi kwentab’iNcaka nomful’uPhongolo.Kule ndawo zafica kugcwele izingwe zazizingela zaze zaphela ukuze imfuyo yabo ibenedlelo eliphephile.INkosi uTinkuni yena wazala iNkosi uMathafeni.INkosi uMathafeni yasuka kwelasoPhongolo yayozinza eBulunga kwaManzini.Yafika lapha inamabutho ayezizingwazi ngokwempi nangokwenqina ngenxa yokuthi base bebuya endaweni eyihlanze oPhongolo lapho ababezingela khona izingwe nezingonyama.INgonyama uMswati 2 wase eyayicela iNkosi uMathafeni ukuthi iyombheke la izwe lakhe elangaphesheya kwemifula iNkomazi noMlumathi leli zwe namhlanjeeselaziwa ngokuthi isifunda saseMpumalanga nengxenye yeGauteng ikakhulukazi indawo yaseKurhuleni neSandton.Leli zwe-ke abakwaShongwe namaSwazi onke alibiza ngokuthi kuseSikhwahlaneni okuyigama likakhokho wabo olamana noMntanenkosi uMagude. INkosi uMathafeni yakha umuzi yawuqamba igama yathi kukwaShongwe iwuqamba ngomuthi wokwelapha isikhumba nezinye izifo ezibangaphakathi kumuntu.Yaqamba neminye imizi emibili, yathi omunye kukwaDlangamandla, omunye yathi kuseSidungweni noma kuseMashobeni.INgonyama uMswati 2 yabuye yathumela uMathafeni Mdluli induna yempi ukuba akhe umbimbi neNkosi uMathafeni ukuze bashaye abaPedi,bazebayobabek’eMhuluhulu(Hoedspruit).Babathathel’izinkomo nezingane bazifaka ngaphansi kwesizwe sakwaShongwe INkosi uMathafeni washona emva kokulwa lempi phakathi kuka-1869 no-1870 ebulawa yingxibongo (small-pox) watshalwa eduze nalapho osekuthiwa kukwaShongwe Mission manje.Ingxibongo yabhubhisa umuzi wakwaDlangamandla, umuzi waseMashobeni wona wase uthuthela esifundeni sakwaHhohho.INkosi uMathafeni yalandelwa iNkosi uMathamo ngokubusa owayeyingwazi naye.Ingwazi eyalwa nabaPedi, abaTsonga nabaTshopi kubangwa izinkomo nezwe.Kwathi emva kwenye yezimpi iNkosi uMa thamo yahlatshwa ukugula, bayithwala abantu bakaMahlalela Mlambo bayoyibeka eBulunga kwaManzini.INgonyama uMswati 2 yase ixoshisa uMahlalela ngokumenza inkosi yakwaMlambo eMbuzini.INkosi uMathamo yayinondlunkulu abawu-30 nemizi ewu-16 ezindaweni ezinjengoMzinti,Schuzendal, Middelplaas,eSchoemansdal, eJeppe’s Reef naseSwazini.INkosi uMathamo kwakuyinkosi elungile eyayithandwa yiwo wonke umuntu.Yayinomusa futhi ikwazi nokunika indawo yokuhlala abantu okungebona abesizwe sayo ngisho abelungu imbala,abelungu abanjengoKirk,uSchoeman noGilliland. INkosi uMathamo yashona ngo-1925 isihlalo sayo sabanjwa yindodana yayo uMntanenkosi uNjiyeza, ebambele uMntanenkosi uMagubha ozalwa uMntanenkosi uGebhuza inkosana yeNkosi uMathamo eyashona kuqala iNkosi uMathamo isaphila. UMntanenkosi uNjiyeza wayeyisanusi emndenini. Waminza emfuleni iNgugwane ngo-1937.INkosi uMagubha yayizalwa uMntanenkosi uGebhuza kundlunkulu wakhe uMangeti umzukulu weNgonyama uMswati 2.Yazalwa ngo-1909, yahlala emzini waseMbanweni eMlumathi (Schoemansdal).Wabusa iminyaka ewu-11, watshalwa eduze kukayisemkhulu,iNkosi uMathamo.INkosi uMagubha ikhunjulwa njengenkosi eyayinomthetho futhi yagcina namasiko amadala, yagcina nobuhlobo obuhle nabantu baseSwazini.Emva kokushona kweNkosi uMagubha isihlalo sabanjwa umfowabo uMntanenkosi uSisini kusukela ngo-1941 kuya ku-1945.Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uZithulele umfowabo omncane kaMntanenkosi uNjiyeza.Wabamba kusukela ngo-1945 kuya ku-1955 Kusukela ngo-1955 kuya ku-1962 kwabamba uMntanenkosi uSigweje (hhayi owakwaKunene) kodwa enye yamadodana eNkosi uMathamo.Emvakokubusa kwamabamba amathathu kwabesekuphatha iNkosi uTinhlonhla,indodana yeNkosi uMagubha ezalwa inkosikazi yakhe yesibili uTotoyi.Yabusa kusukela ngo-1962 kuya ku-1981.Kwaba ngesikhathi sayo le nkosi lapho indawo yakwaShongwe yakhelwa isikole iShongwe Secondary School ngo-1970. Emva kweNkosi uTinhlonhla kwabamba udadewabo, uMntanenkosi uMdziliokhunjulwa ngokulunga kwakhe, wabamba kusukela ngo-1981 kuya ku-1982.Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uMahusha kwaze kwaba u-1992.Ngo-1993 kwaphatha indodana yeNkosi uTinhlonhla, uMntanenkosi uSikhumbuzo okuthe ngesikhathi sakhe kwavulwa amahhovisi amasha obukhosi.Egumeni elikhulu uMntanenkosi UMagude wazala uMagubhela, uMagubhela wazala uJezi, uJezi wazala uMkhulunyelwa, uMkhulunyelwa wazala uMhlambanyathi, uMhlambanyathi wazala uMagugu.UMntanenkosi uMagudewazala nabanye abaNtwanabenkosi oNgobazana,Mhlushwa(Sidlamafa),Sithandwa,Mdladla,Herodi noMgobozi.Egumeni elincane kwazalwa uNgcamphalala, uMabhengeza, uNtekelezi,uMgulube; indlondlo eyadl’ubulongwe yaze yalibala,uNjuqu edl’amahlezakaNgangaza,Mlobho ozishay’ishingana, uMthunzi, uMxhosa,uMdekeni (uZoza II),uBatshoki, uBhalabhala,uPhawula,uDuma,uMnyezane,uMadula,uMalunda noNdlalingubo.Bese egumeni likaSomhlolo (iguma laseNhlangano) kuzalwa uMadingindawo,uMadingindawo wazala uPhikithi, uPhikithi wazala uJulayi, uJulayi wazalauSomhlolo II.Kubhale uMntanenkosi uZoza Shongwe

Izithakazelo zakwaShongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.
Madonsela
Mcusi

 

Kulobe uKholo Khumalo

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo