IMbabazane(Tragia durbanesnsis)
Nina bakaSimayedwa njengelanga lona limi lodwa eZulwini, uMdayi sabela kweliphesheya,uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade kuzo zonke izindawo lapho zinkanise khona.Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa iMbabazane ngesiZulu,ngesiSwati kuthiwa iMbati yehlathi.Kanti ngesiLungu lo muthi udume ngeleStinging Nettle Creeper.Isimila esimila endle lesi,simila bese sikhula ngokuthandela isihlahla esikhulu.Lesi simila siyaluma uma sike sathintana nesikhumba somuntu,siluma kabuhlungu kangangokuthi size siwudumbise umzimba womuntu.Abafana abalusa izinkomo basazi kahle . Lesi simila siqhakaza izimbali ezinombala oluhlaza,ezinoboya,okuyizona eziluma kakhulu.Ziluma ukudlula amakhasi aso lesi simila. Kusuke kushiwo sona lesi simila ezibongweni zikaNdunankulu kaZulu,uBaba uShenge,uma kuthiwa“IMbabazane emahaqa ehaqaze amadoda emasendeni’.
Yenzani iMbabazane
Iwumuthi iMbabazane, iyelapha.Kusebenza sonke nje isihlahla sayo.Ingena kakhulu ezimbizeni eziphuzwa ngabantu besifazane.Iyakwazi nokusebeza iyodwa.Amakhasi ayo kanye neizimpande kuye kubiliswe kube isiphungo sokugeza iSibeletho sowesifazane.Siyashobingisa lesi siphungo,sishobingisa umuntu wesifazane akhiphe umshobingo onephunga elingelihle. Sisuke sikhuculula konke okungcolile eSibelethweni.Sivuselela nemizwa yokulangazela ucansi Sidambisa nenhlungu yeSilumo noma eyoMhluma.Ungayithaka neminye imithi efana noNsukumbili,oGobho,iSinwazi kanye neminye,uyithakele ukunikeza iMbabazane amandla.Izimpande zeMbabazane ziyangena embizeni ephuzwa wumuntu ophethwe yisisu esihudisa igazi.Amakhasi eMbabazane omile ayasiza enkingeni yokopha emakhaleni, ukumongoza.Ayashiswa,bese kuhogelwa intuthu yawo.Isihlahla seMbabazane siyangena kwezokuqinisa uBhoko lweSisu,siyangena nakwezokwelapha izifo zocansi.Sihle futhi nasekwelapheni ukopha okungapheli kumuntu wesifazane uma esefindweni lakhe.Ake ngime lapho nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela,uDunjwa yedwa limkhandanisele.UGasane lukaNdaba.
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi uluthe thuthu ngempande.
Khumu!
