Incazelo ngamasiko abaNguni

Umuzi waseNdulu(AmaQhugwana).

UBunyanga

Zazikhona izinyanga kwaZulu ezazikwazi ukwelapha kwelapheke ukuba kwakungenjalo uZulu wayengeke ande abe ngakaya.Nokho izinyanga umuntu asezibona namuhla sezivama ukuba nenkohliso.Njengakunoma yimuphi umphakathi wesintu, umuntu onamandla okwenza lokho thina esingezenzele ngamandla ethu,siyamthola simfumane futhi aziswa, ehlonishwa.Nansi eminye imisebenzi eyayiphathelene namasiko eyayenziwa yizinyanga.

Ukubethela 

Inhloso yaleli siko kwabe kuyikuvimbela imihlola engahle yehlele ikhaya,kuphungeke nezifo.Kwakuhlatshwa inkomo emnyama bhuqe, inyanga ithake ngegazi layo imithi.Kuthiwa ukubethela nje-ke ngoba inyanga yayithatha izikhonkwane izihuqe ngomuthi,zibe mnyama zinamfuzele.Inyanga izikhonkwane zayo yayingazenza ngamatulwa, ngomambinda noma ngamatshe omfula abushelelezi.Lezi zikhonkwane zazigxunyekwa ebaleni lapha ekhaya.Kwakuba khona nezinye izinti ezibhulwa yinyanga, ezifakwa endlini okwakuthi lapho izulu liza zikhishwe yisalukazi esidala.Lezi zinti kwakuthiwa ngabafana.Kuthiwa kwamanye amanxiwa amakhosi asemandulo izikhonkwane zawo zisaqinile namanje.Uma kuthe kwanyathela ingane yesitha kulawo manxiwa leyo ngane iyagula noma isigcino kube ukufa.Ngakho-ke kubalelukele ukuthi uma umuntu ehambela im icimbi aqinisekise ukuthi ungowaleso sibongo.

Ukukhumula izikhonkwane 

Lelisiko kwakungelokuqeda ubuthakathi endaweni.Kwakuphuma abesilisa nabesifazane bahambe bekhumula zonke izikhonkwane endaweni okucatshangwa ukuthi zahlonywa ngabathakathi.Emva kwalokhu babehamba bonke abantu bayogeza emfuleni.Kuthiwa-ke emva kwalokho lalina nokuna izulu.

Ukuchela ngeNtelezi 

Emizini yakwaZulu kwakuthi ngaphambi kokuba kulalwe kuchelwe ngezintelezi,ezazakhiwa yiyo belu inyanga ngegazi lenkomo emnyama. Inyanga yayithatha yonke imishanelo yasekhaya ichinse ngayo phandle izungeze umuzi.Ezinye zezintelezi ezazisetshenziselwa lomsebenzi yilezi: iMfingo,uPhindamshaye,iNtolwane.Nalesi senzo kwakungesokuxosha izinto ezimbi,kwenzelwa nokuthi athi ufikile umthakathi azibone esekhungathekile engasakwazi ukunyakaza,kuze kuse abonwe ngabantu elokhu esenqunu emzini womnumzane.Njalo umthakathi kwaZulu wayejojwa,kungabe kuqulwa amacala noma kudaziswana naye inkani.Kwesinye isikhathi kwabe kubulawa ngisho nomuzi wakhe wonke uphele nya.

Ukuqinisa

Izinyanga futhi zaziqinisa abantu emzini womnumzane ukuze bangangenwa yizifo kalula.Kuthiwa izinyanga lezi umuntu zazike zimgqume afuthwe yisisi somuthi obilisiwe,zimkhiphe lapho zimshaye izinhlanga wonke umzimba, zimncindise eqe nodengezi.

Ukuphalaza 

Kwabe kulisiko lesiZulu ukuba umuntu abe nobulawu aphalaza ngabo ekuseni.Izinsizwa zabe ziphalaza ngomaguqu ngovumakumangoma nangengwavuma, zikholwa ukuthi lemithi iyaligeza igazi, umuntu abe nobuso obuklasile.Kwakuthiwa umuntu ongaphalazi uba nesidina nje esibi.Lapho umuntu efuna ukuthela omunye ngesinyama wayethi ephalaza abe ebiza igama lakhe, kakhulukazi uma lo omenyezwayo esalele, kwakukholwa wukuthi isinyama siyamnamatha.Lesi ngesinye sezizathu esasenza kufanele ukuba abasha basheshe ukuvuka ekuseni.Kanti-ke futhi zaziphalazisa abagulayo, abadlisiwe nabahlushwa yizifuba nenzalo.

Ukugqaba 

Izinyanga zazakha imithi yokugqaba.Lemithi yayakhiwa ngezicuyo zezilwane ezesabekayo,ezinesithunzi,kuthakwe nezezilwane ezinhle ezithandekayo. Izigqabo zomuntu zihlala ebhodlelaneni noma eshungwaneni elincane aligaxa entanyeni.Kukholwa ukuthi ogqabile ufike aphumelele lapho eya khona,amukelwe ngezandla ezimhlophe.Ukugqaba kuvamise nasemacaleni lapho umuntu eyozivikela.Nalapho futhi umuntu eyokweshela intombazane enenkani,ayibona sengathi izomshiya yena ithande izimbangi zakhe.

Ukwelapha 

Izinyanga zakudala,kwakungokhokhovula,ziphuma nesikhuni sivutha emanzini.Lapho inyanga yelapha yayinikwa ugxa, emva kokuvula izikhwama zayo.Lapho inyanga umuntu isimelapha, yayingasho noma yini efuna ihlatshwe ukwelekelela imithi yayo.Uma isifo njalo ingasiboni kahle,ithi akuyobhulwa, nempela kuyiwe, ithole ukwazi ukuthi mithi mini okufanele iyisebenzise.Uma inyanga isimelaphe wasinda umuntu,yabe imphothula,imqedela ukwelapha.Kwakuhlatshwa futhi lapho isiguli sesiphothulwa.Lapho isiqedile-ke inyanga bese ishayelwa inkomo yayo yenkokhelo,isihamba.Lapho isifo sesivuka, inyanga yayingafuni enye inkokhelo uma isiyelapha.

Ukwethwasa kwesangoma

Maningi amasiko ayeqondana nokwethwasa kwesangoma.Lokhu kwakwenziwa ngoba umuntu owayethwasa wayesuke ethwasiswa ngabaphansi:amathongo.Othwasayo wayebonakala ngokuqala agule isikhathi eside engasindi,ome abe lukhokhothi.Lapho sekubonakele ukuthi uyethwasa,wayesiwa esangomeni esidala simthwasise.Sasimbela imithi yekwenza ubulawu, aphalaze, simfundise inhlalo yezangoma yokuzila izinto ezithile.Nakhu ukudla okuzilwa yisangoma esethwasayo,inyama yembila,imbumba, inyama yemvu,yengulube nobhonsthisi. Lokhu kudla wayekudla lapho asathwasa waqeda,kodwa imbumba isangoma sasingabe sisayidla, kuthiwa ivimba amadlozi angalekeleli ngakho lungakhaliphi ukhakhayi lothwasayo ajike aphuphe.Kwakuhlatshwa imbuzi emhlophe, kuthiwa ihlatshelwa amadlozi ukuze amsize amkhombise izimfihlo.Lapho sesithwasiswa siqeqeshwa okokugcina,isangoma sasisiwa esizibeni esikhulu singeniswe phansi kwatototololo kuthiwe kasikhiphe into efihlwe lapho.Isangoma esethwasayo abakwaZulu babesihlola ukuthi sesiyakhalipha yini basifihlele izinto ezincane. Uma silokhu siqhubeka sizithola, babone ukuthi sesikhaliphile.Isangoma sivunula ngemiyeko yobuhlalo nokunye ekhanda,silengise izinyongo, sigqize ngemifece,sihize kwesingenhla ngemingwambiso,isikhumba sembuzi,siphathe ishoba lenkonkoni.Ebusweni sigcoba ngebomvu noma ngomlotha.

Ukubhula 

Ukubhula lokhu akwenziwa kuphela yizangoma ezathwasa ngendlela lena esengiyichaze ngenhla, kepha kwenziwa futhi ngabantu abanabalozi, abashaya amathambo nabafunda izindaba zomuntu ngokuba baphathe bacumbacumbe enye yezinto zakhe azigqokayo.Izangoma ziyasebenzelana nezinyanga.Noma isangoma singelaphi kuvamise ukuba siwazi umuthi ongaselapha isifo esithile. Kwesinye isikhathi kubhulwa umhlahlo: zibe ziningi izangoma ezibhulayo sikhathi sinye, zibhula into eyodwa.

Ukujojwa kwabathakathi 

KwaZulu babengabhekwa abathakathi.Babebulawa ngokujojwa, nomuzi wakhe ushiswe wonke.Kwesinye isikhathi abathakathi babenukwa yizangoma noma bothiwe ngabantu komkhulu.Engabe akwenziwanga njalo lokhu kumenywe inqinambumbulu, abulawe lowo osolwayo kuyozingelwa

Ake ngime lapho nina beZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo.Lolu lwazi licashunwe encwadni ethi Inqolobane eyalotshwa ngoBaba oNyembezi noNxumalo.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo