Incazelo ngeNtebe(iHlukwe/Zantedeschia aethipica)

INtebe(iHlukwe).

Incazelo ngeNtebe(iHlukwe/Zantedeschia aethipica)

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana.UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo.UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke izNgabade.Ngethemba nisaphila nina beSilo,cha,thina sisaphila kwaKhumalo.Nina beQhawe lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa yiHlukwe ngesiZulu,wumuthi omila emaXhaphozini lona.Intelezi enkulu engena ezindaweni eziningi.NgesiXhosa kuthiwa yiNtebe.Lo muthi udume ngegama lawo lesiXhosa,igama elithi “iNtebe”.NgesiNgisi kuthiwa yiCommon arum lily,noma White arum lily. INtebe izinhlobo ezimbili,lena ebizwa ngeCommon arum iqhakaza izimbali ezibomvana sakubaPink.Bese lena ebizwa ngeWhite arum yona iqhakaza izimbali ezimhlophe.NgesiBhunu kuthiwa yiWit varkoor.

Yenzani iNtebe

Njengoba besengishilo nina beSilo iNtebe iyintelezi enkulu,engena ezindaweni eziningi.Isithombo sayo sisonke siyakwazi ukususa iSichitho sisodwa vo,ngokugeza nje kuphela.Noma inhloboni yesichito,igeza ubuso ibenze bube bushelelezi.Impande iwuMvusankunzi omkhulu, iqinisa uBhoko lweSisu ezinsizweni,iluqinisa luqinise okokhuni,yandisa nesidoda.Insizwa edle impande yeNtebe iyephuza ukudedela . Impande yaNtebe iba mandla kakhulu uma uyomisile,wabe sewuyayigxoba yaba yimpuphu oyoyidla ngobisi ekuseni njengamaCornflakes. Noma uyidle ngomhluzi wenyama enganonile.Impande yeNtebe iyangena nasembizeni yenzalo.IMpande yeNtebe iyangena nakwezeSibambelelo.Iyangena futhi nasemithini yeZibhobo.Iyangena futhi nasezinsizini zamaLumbo.Iyangena futhi naseNtelezini echela ekhaya,evimba imimoya emibi.Iyangena futhi naseNtelezini yezitha. Iyangena naseMabhandeni okulwa.Iyangena futhi nasezinsizini zeMeqo.Ingena ezindaweni eziningi,iyangena naseNtelezini echela izinduku zokungcweka.

Khumu.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngemithi:

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo