Shabalala

Esithombeni uMculi ongasekho uBaba uJoseph Shabalala.

Umlando ngesibongo sakwaShabalala

Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo,imvelaphi yabo iseSwazini.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli.UMshengu wazala uMavuso,uNhlabathi noMhlanga.UMavuso wazala uMagudulela,uLudonga noNyawo.ULudonga wazala uShabalala,uMabuza ,uGininza nabanaye.UMagudulela uyena okwakumele abuse ngemuva kokukhothama kukayise uMavuso kodwa wachithwa ukuba yinxele ngoba ngokwesiko lasebuNguni inxele kalibusi.Ngakho-ke ubukhosi basebuwela kumnawakhe uLudonga.Kwathi ngenkathi elaseSwazini selibuswa iSilo uSobhuza kaNdungunye kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwaMashengu nabakwaDlamini nokwaholela ekutheni enye ingxenye yaMashengu ilifulathele elasaSwazini.Leyo ngxenye eyafuduka yabe iholwa nguShabalala luqobo.Ahamba njalo aMashengu agudla izintaba zoMkholombe agcina ezinze eMnambithi eduze nentaba uMangcengeza.Inkosi uShabalala yayiganwe yintombi yaseMampondweni kwavela indlalifa yayo uNoyaba .Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uShabalala kwaqala ukuba nokungahlalisani kahle phakathi kwenkosi uNoyaba kanye nezizwe eyayakhelane nazo.Ngaleso sizathu-ke inkosi uNoyaba yakubona kukuhle ukuba ilifulathele elaseMnambithi ibheke eMgungundlovu lapho yafike yazinza khona ,yakhelana nesizwe sakwaNxamalala esasakhe endaweni yaseMpendle.Inkosi uNoyaba yahlalisana kahle kakhulu nenkosi yamaNxamalala ngoba amaShengu afiyefike kuleyandawo alakelela isizwe sakwaNxamalala ngenkathi silwa nesaMambuzane,nokuyiphi eyanqotshwa ngabakwaNxamalala.Enye ingxenye yabakwaShabalala yaqhubeka nokuhlala eMnambithi , leyo ngxenye eyakhetha ukusala  isatholakala eMnambithi  kuze kube namuhla.Inkosi uNoyaba yazala amadodana ayo oChagwe ,uMshukangubo noManovunga.Ubukhosi baMashengu bagcina buzinze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNgomankulu , buhamba buze bunqinde endaweni yaseMbo,buhambe njalo buze buyofinyelela nakoMkhambathini(Camperdown).Inkosi uChagwe yakhothamela khona eNgomankulu ngama -1800,ekupheleni kwawo.Ngemuva kokukhothama kwenkosi uChagwe kwabusa inkosi uThingisi eyalandelwa inkosi uBhuqa.Inkosi uBhuqa yalandelwa inkosi uSayiwana eyalandelwa inkosi uBhokwe.Inkosi uBhokwe yalandelwa inkosi uMsamanisi  eyalandelwa inkosi uMehlwempi.Inkosi uBhokwe yayizinze eMkhambathini nokuyipha eyatshalelwa khona ngemuva kokukhothama kwayo.Ezinye zezingane zikaMabizela wakhona kwaMshengu zagcina zizakhele amagama emazweni asenyakatho.Lezo zingane uFulatha kaMabizela intombi eyagana inkosi uMzilikazi Khumalo kwazalwa inkosi u-Lobhengula eyakha esigodlo sayo sakwaBulawayo nosekungelinye lamadolobha amakhulu ezweni laseZimbabwe.Enye ingane kaMabizela eyazakhela igama nguManondwane owabe eyesilomo senkosi uLobhengula,owalwa ngobuqhawe ubukhulu ngenkathi inkosi u-Lobhengula ilwa naMaNgisi kaLozi(Cecil John Rhodes) empini yaseGadade(JR Coddard war).Ngenxa yobuqhawe bezingane zikaMabizela kukhona nelokishi kwaBulawayo elibizwa ngokuthi ‘iShabalala ‘ , kanti futhi kukhona nesikole samabanga aphezulu khona elokishini laseShabalala esibizwa ngokuthi iManondwane High School esaqanjwa ngaye uManondwane kaMabizela

Izibongo ezihlobene nesakwa Shabalala

Mavuso

Magudulela

Mabizela

Khwababa

Mabuza nezinye

Izithakazelo zakwaShabalala

Mshengu.

Mavuso.

Wena waseMhlongamvula.

Ngxabalala (Shabalala).

Chagwe.

AbeNguni abamhlophe baka Noyaba.

Sidwabasiluthuli.

Magudulela.

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo