Incazelo ngenkosi yezinyosi  ( Megachile pluto)

INKOSI YEZINYOSI:

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu!! … #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu..*Nina beSilo nanso -ke inkosi yezinyosi, ngesiLungu ibizwa ngeMegachile pluto, noma ngeWallace’s gaint bee, noma ngeRaja ofu . Inkosi yezinyosi ayivamisile ukutholakala kalula nina beSilo.Ngisho nabafuyi kanye nabatapi bazo izinyosi kukancane ukuba bayithole. Ukutholakala kwayo kusuke kuwuCilo osuke uzishaye eNdukwini. Kwesinye isikhathi kuye kwenzeke ukuthi inyosi ibe nkulu kunezinye izinyosi ngokwakheka kodwa ibe ingeyona inkosi yazo. Inkosi yezinyosi inombala omnyama , futhi inamaziyo amabili . Inkosi yezinyosi ayivamisile ukuphuma kanye nezinye uma ziyofuna uju ezimbalini, iphuma kuphela uma ithanda.

Yenzani inkosi yezinyosi?

Nina beMbube enamandla inkosi yezinyosi ingena kakhulu kwezeSikhundla kanye nakwezokuphatha. Kuleyo ndawo iye isetshenziswe kakhulu abantu abasuke befuna izikhundla,  izinduna , amakhansela ,izimaneja kanye nabanye nje abantu abaphethe. Nina beSilo inkosi yezinyosi yinhle kakhulu nakwezokudonsa .Iye ithakwe nezinye iziNduku ezidonsayo. Iyangena kwiZibunge zeBhizinisi. Inkosi yezinyosi iyangena nakwezokuceba , kwezokuba nemali eningi. Iyangena inkosi yezinyosi kwezokuhlonishwa kanye nakwezesithunzi.Kuleyo ndawo iye igiye neziNduku ezifana noMnyamathi(uMathunzentaba), uMhllonishwa kanye nezinye iziNduku. Inkosi yezinyosi ibuye isetshenziswe ngamaSoka kwiZigqabo zokuthandwa izintombi.

Khumu!!


Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo