Incazelo ngeSithwalambiza
Enhla nasezansi ngiyababingelela abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma .ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona .
ISithwalambiza
Nina beSilo lesi silwanyana enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiNgisi kuthiwa yiPraying Mantis. Kunenkolelo ethi iSithwalambiza siliDlozi lomuntu wesifazane ,ingakho phela sibuye sibizwe ngoGogo. Kuyaziwa ukuthi iDlozi langasohlongothini lwesifazane yilona elinomusa kakhulu , eliphanayo futhi nangezinto. Ngakho iNdlu emnyama isithwala ngeQoma iSithwalambiza ngangokuthi uma sike sabonakala ekhaya abanye baze bagaye nokusaMahewu , noma bahlabe neSiphongwana eSibayeni kwenziwelwe yena phela uGogo .Uma iSithwalambiza sibonakala ekhaya asithintwa nhlobo , siyayekwa sizihlalele ngokuthula size sizinyamalalele sona. Angisayiphathi -ke eyokufika kweSithwalambiza sihlale phezu kweLungu loMndeni ,kwazise phela ezinye iZithwalambiza ziyandiza . Kuye kukholelwe ekutheni lowo esifike sahlala ehlombe lakhe noma ekhanda lakhe aBaphansi basuke beze kuye ngqo!
Khumu.
Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

ngiyabingelela Uma sezizongena zone ningi ekhaya kusuke kushoni ngicela incazelo indlela Kade zikhona ngikhona ekhaya ngo December kwaze kwaba khona nesibrown
Ngyabonga ulwazi engilufundayo impela ngasekhaya syasazisa isthwalambiza syasihlonipha futhi
syabonga mashobane
Mina singivakashela ngisho emsebenzini
Ngiyabonga kakhulu mkhulu ngolwazi osinika lona inkosi ibenawe njalo