Incazelo ngeSibabuli   (Sulphur Powder)

ISIBABULI ESINGAKAGAYWA:

Incazelo ngeSibabuli  (Sulphur powder)

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethemthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili. INtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana. USihlangu simagqama sinamanxeba.ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yi-Sibabuli igama layo . Lena yiMpuphu etholakala ikakhulukazi eClick naseDiscem nina beSilo . Lo Powder ubizwa ngeSulphur ngesiLungu .

Yenzani le Nduku

Nina beSilo iSibabuli sihle kakhulu kwezesikhumba . Siqeda utwayi , izinduna kanye nazo zonke izifo ezithinta ukuqubuka kwesikhumba , izifo ezona isikhumba. Nina beSilo iSibabuli siye sisebenze kahle kakhulu uma uzosifaka emafutheni akho okugcoba , oLotion noma oVaseline . Siyayiqeda impela inkinga yokuqubuka kwesikhumba. ISibabuli sibuye sisebenze njengeNtelezi nina beSilo. Siyathakwa kwezokubethela umuzi futhi,  sihle kakhulu kuleyo ndawo . Sihle futhi nakwezokuxosha isilwane , noma ukukhipha isilwane . Kanti futhi siyazama futhi nokugiya sisodwa vo  kwezokuxosha imimoya emibi. Siye sifakwe emanzini bese kuchelwa ngaso ikhaya  kusihlwa uma sekuyogotshwa izinkophe.ISibabuli sibuye sithakwe futhi kwezokubuyisa isithandwa . Kanti nabo abakhunkuli bayasithaka iSibabuli  eNdukwini yabo yokwehlukanisa abantu abathandanayo. ISiphungo seSibabuli selapha amalonda emlonyeni kanye nangaphakathi esiswini. Siqeda nephunga eliqhamuka emlonyeni elingelihle.Sihle futhi uma uzoxubha ngaso uma uphethwe izinyo. ISibabuli sihle nasezimbizeni eziphuziswa imfuyo ehlushwa yiZikelemu. Kuningi okwenziwa yile Mpuphu nina beSilo.

Khumu.

Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV”.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo