Incazelo ngoXhaphozi
Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini.UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDingane leso! Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uXhaphozi igama layo,ibuye yaziwe ngeleSishoshokazane , noma ngeMpawana. Angilitholanga igama layo le siLungu.Uyababa lo muthi nina beSilo kodwa uwusizo kakhulu ikakhulukazi kubantu abaphila nezifo ezingaMahlalakhona. Amakhasi ababayo ale Nduku mahle kakhulu uma ephekwe njengeMfino,mahle kakhulu,adambisa amandla ezifo ezingaMahlalakhona.
Yimiphi eminye imisebenzi yale Nduku?
Nina beSilo izimpande zale Nduku uXhaphozi zinhle kakhulu ekukhuphuleni iDlozi,ikakhulukazi elaseManzini.Zingumuthi weDlozi.Zisondeza iDlozi uma uphalaze ngazo wazithaka neNingizimu,uMadlozana kanye neminye imithi.Zibuye zigeze umuntu ogulayo ekhaya ebese amanzi achithelwe ngaphandle kwesango ukuze kuphume bonke ubukhunkuli.Noma avele agezelwe khona ngaphandle kwesango.Le Nduku nina beSilo kukancane ukuba isale ezimbizeni zoMhlume. Le Nduku nina beSilo yinhle ekukhipheni amanzi angadingeki enkomeni kaMame, kuye kubiliswe isithombo sayo kwenziwe iSiphungo esiphungwa uMame uxakwe amanzi amaningi empahleni yakhe, amanzi angadingeki.Iyawakhipha amanzi le Nduku,inkomo ibuyele esimeni esikahle, athokoze uBaba, noma iSoka. Lesi Siphungo siqeda nezilonda esinyeni , izilonda emithanjeni eziqeda imizwa yocansi kuMame.Sibuye sishise nalezi ezingenhla emaphashini eziba imbangela yokungaphefumuli kahl ekomuntu.Le Nduku nina beSilo iyangena naseZimbizeni zoMvusanduku koBaba, iyangena nakwezaNzalo yabo bobubile uBulili.Lena iNduku enhle ekushiseni izilonda , nasekuvuleni imithambo , izilonda ezibangela ubuthuntu beMbazo , eziqeda nemizwa yocansi koMame, nakoBaba. Yinhle kabi naseMhlumeni.ISiphungo sayo le Nduku sihle nasekwehliseni amandla esifo sikaShukela.Sihle nasekunqamuleni iFindo elopha njalo kuMame. Sihle nasekwehliseni uMfutho wegazi ophezulu, sihle futhi nasekuwunyuseni uma ngabe uphansi phecelezi Low Blood pressure.Lesi Siphungo sihle nasekugezeni iSibeletho.UXhaphozi uyangena eNdukwini yeLumbo lo cansi, iMbiza kanye neNsizi.Lena yiNduku ekwaziyo ukugiya iyodwa , iba mandla kakhulu uma isiqhathwe nezinye.kuningi okwenziwa yile Nduku.ISiphungo sikaXhaphozi siyaphuza nayizingane,sishisa izilonda emaphashini nasezibindini,izilonda eziba imbangela yoMkhuhlane.UXhaphozi uyaphuzwa,uyachatha uyageza uyaphalaza uyangena nasezinsizini.
Khumu!
Niphile nina abaMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi
