Incazelo ngoMabophe(uMabopha , Acridocarpus natalitius )

UMabophe

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi kuNcwaba(Ogasti) onyakeni ka 2023, ngethemba basaphila abeSilo, cha sisaphila thina kwaKhumalo.

UMabophe\uMabopha

Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMabophe igama lawo , ubuye waziwe ngelika Mabopha. Nina beSilo uMabophe kanye noMkhokha yizihlahla ezimbili ezingefani. Ngiye ngizwe abanye bebiza uMkhokha ngoMabophe, empeleni azifani lezo zihlahla nina beSilo.UMkhokha unezinhlamvu ezinombala obomvu kanye nomnyama ezisetshenziswa kakhulu ukudonsa imali , abanye bazifaka nakoWalethi. UMabophe sakhula siwusebenzisa ngendlela efana nesakhula sisebenzisa ngayo uMadwaleni (iNsulansula).INsulansula iyabizwa ngoMabophe kodwa ayisiyena uMabophe/uMabopha. Bekuthi uma siphunyukwe yizinkomo zayodla amabele abantu sithathe ixodlwana likaMabophe noma isigaxana sikaMadwaleni (iNsulansula)sisifake ngaphansi kolimi ukuze singajeziswa ngabadala ekhaya. UMabophe uyintelezi enhle nina beSilo engena ezindaweni eziningi. Kusebenza kakhulu impande kule Nduku. Ingena kakhulu entelezini yamacala , egeza iphinde igqume umuntu ozoyobhekana neMantshi , noma neNduna, noma neNkosi. UMabophe uyayibopha iMantshi , ithambe , umsolwa awudle umhlanganiso. UMabophe uyangena entelezini echela iziNduku zokungcweka, uyayibopha imbangi. Kuleyo ndawo uye uthakwe kakhulu noNkungwini kanye nezinye iziNduku. UMabophe uyangena kwezobethela izulu, uyangena futhi nakwezokuchela ekhaya kuxoshwe imimoya emibi. Uyangena uMabophe kwezokuphindisa  ubopha izinto zabathakathi. UMabophe uyasetshenziswa nangabathakathi uma befasa abantu , bebabopha ukuze izinto zabo zingahambi.  UMabophe waziwa ngeMoth fruit ngesiNgisi, noma ngeThe Binder okuhumusheka ngokuthi “uMabopha”. NgesiBhunu ubizwa nge Motvrug. OSosayeni bawubiza nge Acridocarpus natalitius.


Niphile nina beLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha! UMaswezisela wakithi kwaBulawayo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo