Incazelo ngoFudu (Tortoise)

 

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili,uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla weshumi nanhlanu kuNhlaka {Meyi} onyakeni ka 2023. Ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMantungweni.

UFudu:

Nina beSilo le silwane enisibona esithombeni kuthiwa uFudu ngesiZulu , ngesiLungu sibizwa ngeTortoise . Zimbili izinhlobo zeziFudu . Kukhona inhlobo ehlala ngaphandle ehlathini, bese kuba khona inhlobo ehlala emanzini. UFudu luyisilwane esingenalo ijubane , luyisilwane esithembele kakhulu ekuzifihleni phakathi kweGobolondo laso lapho sihlaselwa . Bakhona abantu abaludlayo uFudu. Bathi lumnandi kabi ikakhulukazi uma uthole olunamaqanda esiswini, olumithi. UFudu lungukudla kweziNsingizi , kanti nalo njengazo iziNsingizi lubonakala ngesikhathi sokuna kwezulu. Ngaphandle kwalolu olwamanzi , lona luyabonakala nanoma yisiphi isikhathi inqobo nje umfula ungashile. UFudu nina beSilo lungumuthi omuhle kabi wokudonsa ikakhulukazi lolu olwamanzi . Uma uneBhizinisi lwenza abantu batheleke ngobuningi kwiShishini lakho bezothenga . Uma ufuyile unezinkomo , izimbuzi , izinkukhu nokunye lwenza imfuyo yakho yande ngendlela exakile. Into edingekayo nje wukuthi ulwakhele indawo ekhaya enamanzi la kuphuza khona imfuyo yakho, oluyeke luhlale khona , umane nje wandisa amanzi uma eseya ngokuphela . Kuye kube kuhle kakhulu uma uthole ezimbili , olwesilisa kanye nolwesifazane. Kanti nalo uFudu lwehlathi luyangena eMakhathakhatheni. IGobolondo lalo lingena kwezokuqina. Amafutha alo mahle kakhulu eZibungeni , emaBhizinisini. Amafutha alo abuye angene nasezinsini zaMalumbo.

Niphile nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo