Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi , uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele! UNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphath’iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose!
Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeNdlovu enamandla. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Le Nduku eniyibona esithombeni nina beSilo kuthiwa uMnyamathi ngesiZulu, ibuye ibizwe ngoMathunzentaba. Lona umuthi ojule kakhulu nina beSilo . Lo muthi kubongwa ngawo inkosi uZwide ka Langa yabakwaNdandwe uma kuthiwa ‘ Emthini ufana namuphi na? Ufana noMnyamathi! Ezinyokeni ufana nayiphi na? Ufana neNyandezulu!’ . Le Nduku ngesiLungu bayibiza ngeCape Ash, noma ngeDogplum. IBotanical name yayo kuthiwa i-Ekebergia capensis. NgesiPedi kuthiwa iMmidibidi. AbeTswana bona bayibiza ngeNyamaru. Lena eVenda le Nduku ibizwa ngeMutovuma. AmaBhunu wona ayibiza ngeEssenhout. Lena kwaNgwane le Nduku ibizwa ngoMnyamatsi.
Wenzani uMnyamathi?
Le Nduku iwumuthi omkhulu okwakha isithunzi , iyaphalaza , iyageza iphinde igqume. UMnyamathi ubuye ube wumuthi omkhulu wokususa isidina, kanye nokukhipha isilwane. UMathunzentaba ubuye ube wumuthi omkhulu wokususa amathunzi, muhle kakhulu ekugezeni abantu abahlushwa abantu abababulala. Kuye kuphalazwe ngawo , kugqunywe kuphinde kugezwe futhi nangawo. Kugezelwa ehlathini , esidulini, noma ngaphansi kwawo uMnyamathi. Awuhambi wodwa , uye uqhathwe neminye imithi. Muhle kakhulu naseMabhandeni . AmaBhande neZincweba uma sekuthakiwe kuye kubekwe ngaphansi koMnyamathi , kuhlale lapho izinsukwana. Lo muthi uyangena nasezinsini zaMafufunyana phecelezi iZizwe. Kule Nduku kusebenza ixolo kakhulu, yebo nempande nayo iyasenza kodwa yona inhle kakhulu ezifeni ezithinta isifuba , amadliso nokunye. Amacembe kaMathunzentaba angena emiBhemisweni yabagula ngengqondo. Aye onyiswe kuqala ngaphambi kokuba agaywe. Amacembe abuye aphekwe abe yiSiphungo esiphuzelwa ukubulala izilo esiswini.
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.
Niphile nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!
