Incazelo ngoMkhawuzane (Maak gou\Mogau \Poison Plant)

 

Nina abakaVezi uNonyannda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , uVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka  iLoyi esiswini! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladl’uPiti kwabaseMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngomhla weshumi nesishiya galo lunye kuNdasa onyakeni ka 2023. Nina beMbube enamandla lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uMkhawuzane ngesiZulu, ngesiBhunu kuthiwa iMaak gou okuchaza ‘ukushesha’ . NgesiTswana kuthiwa uMogau okuyigama elathathwa khona kumaBhunu. Lo muthi nina beqhawe unobuthi ubuyingozi kabi -kabi. Uyingozi kakhulu emfuyweni ikakhulukazi  ezinkomeni. Inkomo uma iwudlile iyafa futhi ifa ngokushesha okukhulu . Iyodwa into engelapha inkomo edle uMkhawuzane, ukuyiphuzisa ubisi , iLitha noma u2Litha wobisi. Ifa ngokushesha uma iphuze amanzi ngemuva kokudla lesi sihlahlana. Lesi sihlahlana inkomo isidla ngephutha, isuke ingaqondile ukusidla, isuke iqonde ukudla utshani.

Welaphani uMkhawuzane?

Amacembe oMkhawuzane yiwona kanye anoShevu. Kodwa abuye abe wuhlobo lomuthi olubizwa ngeAntibacterial plant okuyizihlahla ezibulala amagciwane. Lolu hlobo lwezihlahla luhle kabi ekwelapheni amanxeba , inxeba lisha qhu kulolu hlobo lwezihlahla. Amacembe oMkhawuzane kanye nempande kuye konyiswe bese kuyagaywa kube yimpuphu efakwa emanxebeni amasha namadala, esilwaneni nakubantu. Le mpuphu ibulala wonke amagciwane enxebeni , incele bonke ubovu noma igazi enxebeni inxeba lome nkwe. Le mpuphu iyangena futhi uma kwelashwa isilwane {iMvukuzane} esifakwa abathakathi emzimbeni yabantu, oDokotela abasibiza ngoMdlavuza.


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.

 

UMkhawuzane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo