Siziba,
Chibi,
Mfula,
Mlambo,
Mdineka ,Nhlabathi!
Manzi!
Mlambo omkhulu ongawela muntu,
Uwela zinkonjanezon’ezinamaphiko okubhabha zindizele phezulu
Wona owabulala umuntu engenacalangoba engeyon’ inhlambi
Nina baseMachibini ,Siziba
Isiziba esingashi
Isiziba sa manz’ a philisayo,
Ndwande,
Maphisa,
Zwide kaLanga
Mlambo we mpilo
Dumizulu!!!!!!