Umlando ngoMntwana uNdabuko kaMpande

 

UMntwana uNdabuko kaMpande ungomunye waBantwana baseNdlunkulu yakwaZulu abawulwela kakhulu uMbuso kaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Wazama impela uMntwana uNdabuko ukuwuvikela uMbuso kaZulu .  UMntwana uNdabuko walwa ngokuzikhandla empini yakwaNdunu neyakwaCeza phakathi kwenyanga kaNhlangulana ngowe 1888. KwaNdunu igquma eliseduze nakwaNongoma . Impi yakwaNdunu yayiphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDinuzulu kanye noMntwana uZibhebhu wayesetshenziswa ngamaNgisi ukudala izinxushunxushu kwaZulu. Kuleyo mpi uZulu wadla umhlanganiso nokwathi ngemuva kwaleyompi amaNgisi abopha iSilo uDinuzulu noyise baso aBantwana oNdabuko noShingana abathwesa amacala okuvukela umbuso wawo . AmaNgisi abathumela eSiqhingini iSt Helena , iSilo sagwetshwa iminyaka eyishumi, uMntwana uShingana wagwetshwa iminyaka eyishumi nambili , uMntwana uNdabuko yena wagetshwa iminyaka eyishumi nanhlanu. UMntwana uNdabulo wayebuthelwe eButhweni u’Mbonambi onduku zibomvu igazi “, okuyiButho okwakukhona kulo noMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. Wayebuthwe yiSilo uMpande.

Ngesikhathi iNgonyama uDinuzulu noYise bayo bedingiselwe eSt Helena uNina weSilo uDinuzulu iNdlovukazi uNomvimbi Mzimela yiyona eyasala ibheke isizwe sakwaZulu , isizana noNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe.
UMntwana uNdabuko wayelamana neSilo uCetshwayo kanye noMntwana uMbixambixa bezalwa iNdlovukazi uNgqumbazi Zungu . UMntwana uMbixambixa wagana uMgojana kaSomaphunga Ndwandwe owasala empini yakwaNdunu.
UMntwana uNdabuko ubuye akhumbuleke empini yaseMsebe lapho kwakubambene ngezihluthu khona uSuthu noMandlakazi ngesikhathi seSilo uCetshwayo . ISilo uCetshwayo sasiboshiwe ngaleso sikhathi,siboshwe ngamaNgisi .  Nguyena uMntwana uNdabuko owahola impi yoSuthu eyasuka iNdini yaphikelela eBhanganomo kanti izothi uma iwela umfula uMsebe izithele phezu kwamabutho akwaMandlakazi ayeholwa uMntwana uZibhebhu ayelalele impi yoSuthu uyendle emihlangeni . Impi yakwaMandlakazi yayihlome iyizingovolo ihlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu. Kuqhuma kwezibhamu kwadla umunyu empini yoSuthu eyayethembele emikhontweni. Maningi kakhulu amaqhawe oSuthu asala kuleyompi.
UMntwana uNdabuko ubuye akhumbuleke naseSandlwana ngesikhathi seSilo uCetshwayo lapho uZulu wazidlela khona amahlanga kumaNgisi .
Kwathi ngesikhathi sempi yaMakhanda amaNgisi aphinda abopha iSilo uDinuzulu noNdunankulu uMankulumana abethwesa amacala okuvukela umbuso wamaNgisi . UMntwana uNdabuko wayefana ncamashi neSilo uCetshwayo kangangokuthi kwakuba nzima ukuba umuntu abehlukanise .
Ake ngime lapho nina beMbube enamandla
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo