Incazelo ngoJundumlahleni   (Curtisa dentata)

UJundumlahleni.

Incazelo ngoJundumlahleni   (Curtisa dentata)

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela,uDunjwa yedwa limkhandanisele.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.USilwane hhelele emzini yabantu.USilwane ubengelutho,ubeyinduna kwaDibandlela.ISilo sakithi kwaDukuza leso,iSilo uShaka ka Senzangakhona.Ngethemba basaphila abeSilo.

UJundumlahleni

Nina beSilo lenduku eniyibonga ibizwa ngokuthi uJundumlahleni.Ibuye bizwe ngoPhephelelangeni.Kuye kusetshenziswe igxolo kule nduku.Liyangena ezimbizeni nasezinsizini zabantu ababangwa nezibi.Yinhle kakhulu le nduku kwezokukhipha isilwane.Yinhle kakhulu kwezokukhipha isinyama,amabhadi.Yinhle kakhulu kwezokugeza ithunzi uma ngabe washonelwa wangabe usagezwa.Yinhle kakhulu kwezokuphindisa ikakhulukazi kwezokucupha ithuna.Yinhle nakwezokuphisa amabhadi.Yinhle kwezokugeza isichitho.Le nduku iyageza,iyagquma,iyangena ezinsini kanti iyaphalaza futhi.

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo