Umlando ngoSokwetshatha ka Mlandela Mthethwa

UMnu uNathi Mthethwa , uSopolitiki

Nina abeSilo sakithi KwaDukuza iGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso. Ngethemba nisaphila nina beSilo , sisaphila thina eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoSokwetshatha Mthethwa.

USokwetshatha

USokwetshatha Mthethwa wayebusa aBathethwa ngesikathi sokubusa kweSilo uCetshwayo . Unina kwakunguMntwana uNomqotho ka Senzangakhona . Ngakho uSokwetshatha wayenguMntwana (Prince) . Wayebuthelwe ebuthweni loMxhapho elalibuye laziwe ngokuthi yibutho loHlwayi , noma eleMpunga. Kulelo butho kwakukhona noMntwana uZibhebhu. Leli ibutho elabuthwa iSilo uMpande ngowe 1861 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo1841. Ngesikhathi sokubusa kwakhe uSokwetshatha kwahamba kwahamba wagcina embukile. Wagqisha namaNgisi . Ngokomlando obhalwe phansi kuthiwa ukwembuka kwakhe kwadalwa ukungaboni ngaso linye nokaNina wakhe inkosi uSomkhele ka Mayanda yaBakhwanazi. Phela nayo inkosi uSomkhele yayizalwa eNdlunkulu yakwaZulu, izalwa nguMntwana uNtikili udadewabo weSilo uMpande ababelamana emhlane kuNdlunkulu uSongiya Hlabisa.***Kanti eminye imiqulu ebhalwe phansi iveza ukuthi uSokwetshatha wembuka ngoba uyise uMlandela wayebelekele  kumaNgisi ngaphasheya koMhlathuze ngenkathi iMpi yakhe ihlulwa yiMpi ka Stimela. Okusho ukuthi uMlandela wakhothama esakhe ubuhlobo obukhulu namaNgisi obagcina budlulela endodaneni yakhe uSokwetshatha. USomveli ka Dingiswayo kanye nendodana yakhe uStimela babebalekele kwaSoshangane ngemuva kokubulawa kwenkosi uDingiswayo ibulawa inkosi uZwide. Kwathi ekubuyeni kwabo kwaqubuka enkulu impi phakathi kwabalandeli bakaMlandela nabakaStimela .   Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo uSokwetshatha wachema noMntwana uZibhebhu owayemise kabi uMbuso kaZulu. Wamelekelela ukuhlasela abalandeli boSuthu ikakhulukazi yona inkosi uSomkhele, uBhejane ka Nomageja Khoza , uSomopho ka Sikhala Mthembu kanye namanye amakhosi . Enye inkosi eyelekelela uMntwana uZibhebhu uBizo Cebekhulu , nayo kuthiwa impela yayiwumise kabi uMbuso kaZulu. Impi ka Sokwetshatha kanye nekaBizo zazikhona mhla kuhlaselwa  oNdini mhla zingama 21 kuNtulikazi 1883 lapho kwasala khona izikhulu eziningi zeSilo uCetshwayo . Kanti yayikhona futhi iMpi ka Sokwetshatha kanye nekaBizo  eMpini yaseTshaneni ngowe 1884 lapho iSilo uDinuzulu sehlula khona uMntwana uZibhebhu. Kwathi esehluliwe uMntwana uZibhebhu wabaleka wayobhaca esizweni sakwaMathonsi eMandeni. OSokwetshatha noBizo bona amaNgisi abayalela ukuthi bawelele eNingizimu yoMhlathuze ukuze bathole ukuvikelwa nguJantoni (uJohn Dunn) ngoba yena wayenezibhamu. Kwathi ngoLwezi ka 1887 amaNgisi ayalela oZibhebhu , uSokwetshatha kanye noBizo ukuba baphindele lapho  ababe thuthe khona. UMntwana uZibhebhu waphindele eBhanganomo , noSokwetshatha naye waphendela kwaMthethwa lapho ayakhe khona umuzi wakhe waseNxebeni awuqamba ngoba ekhumbula uNina owakhothama ebulawa yiMpi ka Stimela ka Somveli ka Dingiswayo Mthethwa.

Khumu !


Niphile nina beSilo.Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo