Umlando ngendawo yakwaSwayimana ,eMalizibheki.

KwaSwayimana.eMalizibheki

Nina abakaNdaba obhiyoze kuNomangci phezulu, eyokunqumel’umbango wakwaNyuswa .Kwakungabangwa lutho nakwaNyuswa , kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni!! Bethi nteke nteke lindani amajuba! Nina abakaNdaba okhangele ezansi naMadungela, izinkomo zawoSihayo zabuya, kwaye kwalandela nezikaMafongosi. #ISilo uShaka leso, iSilo sakithi KwaDukuza. Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo.

Indawo yakwaSwayimana

Nina beSilo indawo yakwaSwayimana eMalizibheki yaqanjwa ngenkosi uSwayimana ka Ziphuku yabakwaNgcobo . Endulo abantu  bakwaNyuswa sibathola bakhe eduze komfula uThukela , ezansi nalo. Ngokomlando obhalwe phansi kuthiwa abantu bakwaNgcobo baphuma kuVumizitha owaziwa namuhla ngelikaVumezitha, obuye abe nguKhokho wabantu bakwaNgidi, Shangase, Ngongoma , Hlabisa kanye nabanye . UNyuswa okwaqanjwa ngaye isizwe wayenguMzukulu kaNgcobo, wayezalwa nguDingile ka Ngcobo, eyinkosana , ezalwa eNdlunkulu ka Dingile.  Inkosi eyaduma kakhulu kulesi sizwe sakwaNgcobo yinkosi uMapholoba  okuthiwa yayisaphila ngesikhathi seLembe , nokho kuthiwa yayisiluphele kakhulu isidonswa ngesikhumba , isigayelwa inyama njengoMcaba. Ngemuva kokukhothama kwenkosi uMapholoba kwabusa indodana yayo uSihayo . (sesaxoxa kakhulu ngenkosi uSihayo)…. *Inkosi uSihayo yabusa kabi ngoba yabusa ngesikhathi iLembe(iSilo uShaka) limatasa lihlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Ngeshwa inkosi uSihayo nayo yaba ngenye yamakhosi azithola esehlaselwa yiMpi yeLembe , yasala eNkundleni. Maningi-ke amakhosi akwaNyuswa azithola esehlaselwa yiMpi yeLembe. Kulawo makhosi singabala inkosi uMafongosi kaBhovungane Ngongoma, inkosi uMnguni ka Khuzwayo Ngidi kanye namanye amakhosi . Ukuhlaselwa kwamakhosi akwaNyuswa ehlaselwa yiMpi yeLembe kwaholela ekutheni bahlakazeka kakhulu abantu bakwaNyuswa. Ingxenye eyagcina isikwaSwayimana yingxenye yaseKhohlo lakwaNyuswa. Iphuma kuSinqila ka Mavela ka Mashisa . USinqila wabe eyiKhohlo lenkosi uMavela  yena wazala uZiphuku owazala uSwayimana .Kanti eNdlunkulu inkosi uMavela yazala uMkhalelwa owazala uDikwayo owazala uSotobe (ongeyena owakwaSibiya) .. ***Ngesikahthi seMpi yaMakhanda ngowe 1906 isizwe senkosi uSwayimana naso sasukuma sathatha izikhali sabhekana nabacindezeli , amaNgisi. Impi yenkosi uSwayimana yayiholwa nguMangqaqana wakhona kwaNgcobo , owayebekwe yinkosi uMeseni Qwabe  ukuthi abe yiNduna ngenxa yomdlandla ayewufaka kubashokobezi. Ngokomlando obhalwe phansi kuthiwa yiMpi yenkosi uSwayimana yiyona eyabulala uMlungu u-OE Veal kwaMaphumulo mhla lulunye kuNtulikazi 1906.

Khumu!!


Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” .Izibongo zeLembe ezingenhla zichaza khona ukuhlaselwa kwabakwaNyuswa.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo