Nina abeNdaba engiyizwe ngiphesheya , bathi nakwaMalandela izwe limangqephungqephu! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha , saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kungumhla we shumi nesishiya galo lunye kuNdasa , cha thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa uNdwendweni ngesiZulu. NgesiXhosa kuthiwa uGotyibe , bathi uma sebewuhasha kwaXhosa bathi ‘Ntombi zibelethene ‘, ngenxa yezigaxa zawo ezixhumana zibe ningi . IBotanical name yalo muthi kuthiwa iCrocosmia aurea . Kanti ngesiNgisi kuthiwa iFalling star . NgesiBhunu kuthiwa iVallendo Sterretjies. Lo muthi uwumuthi obukeka njengoAnyanisi, unezigaxa ezixhumana zibe amawele , zivamise ukuba zimbili, kodwa kwesinye isikhathi ziye zixhumane impela zize zibe nhlanu esihlahleni esisodwa.
Wenzani uNdwendweni?
UNdwendweni uwumuthi omuhle kakhulu ekwelapheni aMafufunyane , phecelezi iZizwe kanye nokukhipha iSilwane. Uyintelezi kahle-hle. Uyathakwa neminye imithi , ugqume , uphalaze uphinde ugezele ukukhipha iSilwane neZizwe. Uyangena futhi nasemithini echela ibala , uxoshe imimoya nezithunzi ezimbi. Uyatshalwa nasekhaya , utshalelwa ukudonsa ubuhle. Muhle kakhulu ekudonseni . Uyangena naseZibungeni zokudonsa eBhizibisini. AmaSoka ayawusebenzisa ekudonseni intombi, ayakhafula , aphephethe abuye aphalaze ngoNdwendweni. Muhle kakhulu naseziMbuzini. Uye utshalwe entubeni yesibaya seziMbuzi , ziweqe nxa zingena , nanxa seziphuma. Abantu bakholelwa ekutheni njengoba lo muthi uNdwendweni unezigaxa ezixhumanayo zize zibe mbili noma zibe ntathu , ngakho-ke nazo iziMbuzi zabo ziyozala amaPhahla. Kanti futhi uba yiNtelezi enhle eziMbuzini ngoba akukho moya omubi oyongena esangweni le sibaya lapho kutshalwe khona uNdwendweni. Lo muthi uNdwendweni muhle kakhulu kwizinhlungu zeFindo , kanye nasezinsweni. Uthiba izinhlungu zensiso kanye nezeFindo kwabesifazane.
Khumu!!!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:
Niphile nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!

Mfoka Mashobane ulwaz osipha lona boet lujule kabi kabi, Mina nje ukuba kuyangokwam engabe engine direct contact nawe mfwethu ngiyabonga Mzilikaz… Angikazi ngibhale kodwa everytime ngiyangena ku Facebook… This deserved a university recognition.. Thank Mbulazi..
Lwandle ngiyabonga Qhawe lakithi