Incazelo ngoMphafa\uMlahlankosi \Buffalo thorn \Mokgalo\Ziziphus mucronata:

Nina bakaVezi kofa abantu kosala izibongo ,yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela amanxiweni! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladl’uPiti kwabaseMgungundlovu!

 

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , kuwumhla weShumi nambili kuNdasa onyakeni ka2023, ngethemba isaphila . Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi osesithombeni kuthiwa uMphafa ngesiZulu , ubuye ubizwe ngoMlahlankosi. Ihlahla lo Mphafa kulandwa ngalo  umuntu wesilisa oseshonile. Owesifazane ulandwa ngehlahla lo Mganu. Eminye imithi okulandwa ngayo abantu asebedlulile emhlabeni uMsinsi kanye neMinyela. Ngizwa kuthiwa miningi imithi elanda abantu asebesishiyile, kodwa mina ngazi yona leyo yomithathu. UMphafa waziwa ngokuthi iZiziphus mucronata ngolimi loSosayensi phecelezi Botanical name. Kanti ngesiNgisi waziwa ngeBuffalo thorn . NgesiBhunu kuthiwa yiBlinkblaar-wag-bietljie. NgesiXhoza usabizwa ngalo eloMphafa. Elinye igama lawo lesiZulu kuthiwa yiSilahla. NgesiSwati ubizwa ngokuthi uMlahlabantu. Kanti lwesiTswana kuthiwa uMokgalo. NgesiSuthu saseNingizimu phecelezi ‘Southern Sotho ‘kuthiwa uMokgalo, noma uMoonaona. NgesiVenda kuthiwa uMutshetshete. NgesiTsonga uMphafa ubizwa ngoMphasamhala. UMphafa ungeminye yemithi engafanele itshalwe ekhaya, noma ibe seduze nomuzi, ngoba uMphafa uxhumama kakhulu nabantu asebeshonile.Izihlahla kuthiwa nazo zinabo ubulili, kukhona isihlahla sesifazane kanye nesesilisa. UMphafa wesifazane uthela izithelo ezincanyana ,ezingaphansi kancane kwamaViyo ngosayizi,  zinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube nsundu . Bayazidla abanye , zinambitheka incasa enoshukela kancane. UMphafa wesilisa unameva ahlabana kabuhlungu, amise okwezimpondo zeNyathi . Kuyileso sizathu ubizwa ngeBuffalo thorn ngesiNgisi.


UMphafa kwezokwelapha:

Kuningi okwenziwa uMphafa . Izithelo zoMphafa ziye zonyiswe bese ziganziwa oDengezini zibe yinsizi emnyama enanyekwa emanxebeni , nasemathumbeni angakawuvezi umlomo. Kahle-hle ziwumuthi wamanxeba. Izimpande zoMphafa ziyangena emithini yokuvala amaphupho amabi. Ziyaphalaza , ziyageza zibuye zigqume. Zixutshwa neminye imithi yokuvala amaphupho amabi. Izimpande zibuye zibe wumuthi omuhle womzimba omubi , umzimba othandwa amathumba nezinduna ebusweni. Amacembe nezimpande kuye kubiliswe kube yisithobo sezenyelo. Isiphungo sezimpande zoMlahlankosi\uMphafa sidumaza izinhlungu ezifana nezokushaywa , ezokwephuka kanye nezinye ezisuke zingaphakathi .

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile nina bakaNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda.

 

UMphafa

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo