Incazelo ngesilwane iNhloli (Hedgehog:)

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyez’abasini bengoma! uKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kuwumhla weSishiyagalo lunye kuNdasa onyakeni ka2023.. Ngethemba bonke abeSilo basaphila.  Sisaphila thina kwaSokhumalo

INhloli:

Nina beSilo lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiNhloli ngesiZulu , ngesiLungu kuthiwa yiHedgehog. INhloli wuhlobo lweGundane olunameva emboze wonke umzimba, lwakhiwe okweNgungumbane . Futhi lwenzisa okwayo iNgungumbane. INgungumbane yona ithe ukuba nkulu kuneNhloli, kodwa nayo inezingu ezigcwele wonke umzimba okuyizona ezivikela ngazo lapho ihlaselwa yisitha. NeNhloli-ke nayo izivikela ngawo ameva ayo lapho ihlaselwa yisitha. Ithukusa ikhanda emzimbeni , wena owabona  uFudu no Mneke kuthukusa ikhanda egobolondweni . INhloli idla izintuthwane ezithola ngokugubha iziduli ebusuku ,  idla nomuhlwa , kanye nokunye . INhloli ivamise ukuzingela ebusuku kanti ijwayele ukuzingela iyodwa, nasemini kuyenzeka izingele ngenxa yendlala . INhloli isilwane esijulile esingabonwa yinoma wubani . Usuke unenhlanhla enkulu uma uzithele phezu kweNhloli, kusuke sekuzokhanya impela empilweni , akusona isilwane esivele sibonwe nje yinoma ubani lesi. Ngokwezibalo zezilwane lapha kweleNgabade kuthiwa iziNhloli azikho engcupheni yokushabalala kwazise vele isilwane esingabonakali kalula .


INhloli kwezaMakhathakhatha:

INhloli iyisilwane senhlanhla. Njengoba besengishilo, ibonwa yilabo abanenhlanhla kuphela , ayibonwa yinoma ubani . Abelaphi bendabuko iNhloli bayisebenzisa kwezokwakha inhlanhla.  Amafutha ayo angena eZigqabeni zenhlanhla , kanye nezomsebenzi . Ayangena futhi naseZibungeni zaMabhizinizi , kanye nasekwezokugembula. Iva layo liletha enkulu inhla uma uligcina kuWalethi, noma uma ulihloma esihliuthwini sezinwele. Abantu ababamba kakhulu iLotto isikhathi esiningi basuke besebenzise wona amafutha eNhloli kanye nameva ayo. Amafutha eNhloli abuye afakwe nasegazini ngokugcatshwa, efakelwa yona inhlanhla. Ayangena futhi nakwezokwakha isithunzi nokuhlonipheka ,nakhona afakwa egazini eseqhathwe neminye imithi efana noMathunzentaba kanye neminye. Amafutha eNhloli ayangena nakwezokuvika amaPhoyisa kanye nezitha. Phela iNhloli uma ibona umuntu iyema , bese ithukusa ikhanda emzimbeni okwenza kube nzima kakhulu ukuba umuntu ayibone kwazise umbala wayo uyefana nowo mhlaba , noma nowomhlabathi . Ingaze ibonwe yizinja , nakhona sesiyihogele ngephunga, umuntu angeyedlula impela . Amafutha eNhloli ayangena nakwezamacala.  Ake ngime lapho nina bakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela emanxiweni.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

 

INhloli

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo