Incazelo ngoMsinsi wokuzimilela\The Lucky Bean\Coast coral tree

ISihlahla soMsinsi

Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yazinyamazane! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! INhlahlanyovane ka Ndaba ehlehle futhi ngoBulawayo yazithatha zonke izihlangu zoMbelebele, yazithatha zonke izihlangu zoDlambedlu!

Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba isaphila kuwo wonke amagumbi amane omhlophe. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMsinsi wokuzimilela, noma uMsinsi wukazimilela . Umuthi ongahluphi okutshaleka lona , umila noma ukuphi nje lapho kuwe khona imbewu yawo . Uma kuchazwa ngendawo lapho umuntu asuke evela khona ngokokuzalwa kuye kuthiwe ungu’Msinsi wokuzimilela wakuleyo ndawo’, uMsinsi okusuke kukhulunywa ngawo yiwona kanye lona eniwubona esithombeni. UMsinsi wumuthi okhula ube mude impela , unomthunzi omuhle kakhulu, othandwa kakhulu ngabantu . Leso esinye sezizathu esenza abantu bawutshale ekhaya. Esinye isizathu wukuthi uMsinsi kuthiwa uletha inhlanhla ekhaya futhi uvimbela imimoya emibi ukuba ingangeni ekhaya.Lesi isihlahla soMsinsi sikhonzwe kakhulu yizo zonke izizwe\izinhlanga, ngingabala amaNdiya, abeLungu, aboHlanga , amaVenda , amaTsonga kanye nabanye . NgesiLungu kuthiwa yi-Lucky Bean, noma iCoast coral tree, noma iErythrina caffra ,okuyigama lo muthi owaliqanjwa oSosanyensi. INtindili akuyona iLucky Bean  nina beSilo, kuthiwa yiSea Bean. NoMkhokha nawo akuwona iLucky Bean , yebo iNhlamvu yoMkhokha iyayidonsa inhlanhla kodwa akuyona iLucky Bean . Zonke izizwe jikelele ziwukhonze kakhulu lo muthi . Lo muthi ubuye ubizwe ngoMathuneni. Isizathu salokho wukuthi uma kushone umuntu ikakhulukazi osemdala -kuye utshalwe wona uMsinsi eduze nethuna lalowo oseshonile, ube wumthunzi wakhe . Eminye imithi eye itshalwe uMganu neMinyela .

Okwenziwa uMsinsi wozimilela

Kulo muthi kusebenza impande kanye nexolo, kuyachelwa , kuyagqunywa , kuyaphalazwa , kuyachathwa futhi ngawo. Lo muthi usetshenziswa yizo zonke izizwe njengoba besengichazile. AboHlanga bona bawusebenzisa ezindaweni ezahlukene , esingabala ukuphalaza, ezintelezini , ukwelapha izilonda , ukwelapha izinso , ukwelapha izinyo , ukugeza kanye nokunye . Lona wumuthi weDlozi , wumuthi ongena eGobongweni elimhlophe lokuhlambulula iDlozi. Uyangena nasemithini ephalazela ukwakha ihlanhla. Uyangena futhi nakwezamaSoka . UBulawu obuhle beDlozi lobu. Buyangena futhi nasemithini ephalazela ukukhanda isithunzi kumuntu, buqhathwa nemithi efana noMathunzentaba\uMnyamathi. Kuthiwa endulo babungena entelezi eyayigeza iNgonyama, igezela ukuhlonishwa,noma ngithi ukuhlonipheka. Kanti kwezezimali ,  imbewu yawo abantu baye bayibeke eMabhizinisi abo , bakholelwe ekutheni izoletha imali, idonse abantu , abathengi. Lokhu kwenziwa ngisho nangabeLungu imbala. AbeLungu imbewu yalo muthi bayibiza ngeLucky Bean , isihlahla sonke basibiza ngeLucky Bean Tree. Le mbewu abanye bayayiphatha uma beyogembula.  Lo muthi uyangena futhi kwezokuchupha , uye uthakwe neminye imithi efana noGebeleweni, iSibhaha kanye neminye kuchelwe ngayo ibala, kuphethelwe, kuchushwe abathakathi . Ixolo nempande yalo muthi kuwumuthi omuhle wezinyo elibuhlungu. Kuye kubiliswe ixolo noma impande , bese kuxujwa ngeSiphungo sawo esisafudumele,, kuxubhe lowo umuntu osuke ephethwe yizinyo. Akhwife . Kanti umqotho wexolo noma wempande oyimpuphu , uye unanyekwe ezilondeni nasemanxebeni. Siyaphola isilonda. Ungawushisa ngoDengezi , ube yinsizi uma uthanda . Impande nexolo kuyangena kweziphalazela amadliso . Uma uphalazela idliso , kudingeka ukuba umuntu aqale ngokuphuza isiphungo sesithombo seMbozisa, bese emuva kwezinsuku mhlawumbe ezithantu , bese ephalaze-ke ngezinduku zamaDliso. Impande noma ixolo kuyangena futhi embizeni ephuzwa wumuntiu onenkinga yokudumba kwezinyawo. Impande nexolo  kubuye kungene ezimbizeni eziphuzwa wumuntu ophethwe noma onenkinga yezinso.


Lona wumuthi omuhle kakhulu , ongena ezindaweni eziningi . Kuyadingeka futhi kubalulekile ukuba umuntu ahle enawo . Angawutshala nasekhaya ngoba uyatshaleka. Ake ngime lapho nina bakaMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , uMashikizela ashiye impi yakhe!

Khumu!!

Thola olunye ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo